BAKHUNGATHEKILE abaningi kusabalala imiyalezo okukholakala ukuthi ngekamakhi wezichuse waseThekwini, esabisa ngokuzibulala ngenxa yokuphoxwa yintokazi okusolakala ukuthi uthandana nayo.
ULungelo Gumede, wodumo lwezichuse zosaziwayo nosopolitiki, ubhale kwiWhatsApp ngoLwesihlanu ebusuku.
Le nsizwa enestudiyo sokwakha izichuse eBat Centre, eThekwini, iqale yaveza embhalweni wayo ukuthi isizame konke kodwa iyehluleka.
Komunye umbhalo ikhala ngabantu ethi bayobe beswenke beconsa emngcwabeni wayo, behamba ngezimoto zikanokusho bezenza abakhathazekile ngokufa kwayo.
Komunye umbhalo, uLungelo ukubeke kwacaca ukuthi ucabanga ukuqeda ngempilo yakhe ngenxa yowesifazane angamdalulanga, athe unenhliziyo embi.
Imizamo yokuthola uLungelo ocingweni ayiphumelelanga ngoba belungangeni uma efonelwa, nomyalezo athunyelelwe wona akawuphendulanga.
Umfowabo omncane uPhupho Gumede, uthe sekunezinsuku amgcina umfowabo.
“Sekunesikhathi ngigcine ukuxhumana noLungelo. Angikwazi ukubona ukuthi yini ayibhalile kwiWhatsApp wakhe ngoba angibheki ukuthi yini ayibhala. Bengingazi ukuthi kukhona isimo esingesihle abhekene naso,” kusho uPhupho.
ULungelo akaconsi phansi kubantu abazifela ngobuciko ngoba umsebenzi wakhe ushiya abaningi bebambe ongezansi ngenxa yekhono lakhe elimangazayo. Estudiyo sakhe ukhangwa yizichuse zosaziwayo nosopolitiki abehlukene okubalwa uWill Smith, Angelina Jolie, Denzel Washington, Barrack Obama owayengumengameli waseMelika , umengameli waseNingizimu Afrika, uMnuz Cyril Ramaphosa, ababengomengameli bakuleli, uMnuz Jacob Zuma noDkt Nelson Mandela.