IMATASA iminyango yezemfundo ezifundazweni iqoqa ulwazi ngabafundi abalaxaze isikole emuva kokubheduka kweCovid-19 kuleli.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, ephendula imibuzo yelungu le-EFF ePhalamende.
Leli lungu libuze ukuthi bangaki abafundi abalaxaze isikole emuva kokubheduka kwaleli gciwane kuleli nokuthi yiziphi izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi bayabuyela ezikoleni.
UNkk Motshekga uthe kunzima ukusho ukuthi bangaki abafundi balaxaze isikole ngalesi sikhathi ngezizathu ezehlukene.
Uthe ezinye zazo ngukuthi abanye abafundi bayalova baphinde babuyele.
“Kumele siqinisekise ukuthi umfundi uyekile noma ulovile. Njengoba kusadlange leli gciwane abanye abafundi bayashintshana uma beza ezikoleni, abezi nsuku zonke ezikoleni.”
Uthe abanye badlulisa isonto beze ngelilandelayo kuthi abanye bashintshane ngezinsuku.
“Umfundi uthathwa njengokhona uma esesikoleni, uma engekho uthathwa njengongekho. Abanye abafundi bangalova izinsuku eziningi bese bethathwa njengalabo abashiye phansi isikole.”
Uthe abanye babafundi bafunda ngohlelo lwe-internet ngakho bafundela emakhaya.
“Yingakho sithi okwamanje izifundazwe zimatasa ziqoqa imibiko ngabafundi abayeke isikole. Sibheka nezibalo zalabo asebelove isikhathi eside.”
Uthe ukuze behlise izibalo zabalaxaza isikole basebenzisa uhlelo i-Quality of Learning and Teaching Campaign (QLTC), oluhlanganisa izinhlaka ezehlukene okubalwa nabazali nezinye izinhlaka.
Esithangamini sakamuva nabezindaba uNkk Motshekga wakhala ngohlelo lokushintshana kwabafundi wathi luphazamisa abafundi.
Wathi balahlekelwa yisikhathi sokufunda futhi bayakhohlwa abebekufunda uma bebuya emuva kwesonto bezofunda.
Ucwaningo lomnyango lwaveza ukuthi u-50% wesikhathi esilahlekile ngenxa yeCovid-19.
Lwathi umkhakha oshayeke kakhulu owamazinga aphansi.
Lwaveza nokuthi zehlile izibalo zabafundi abaneminyaka emine kuya kweyisithupha abaqale isikole ngo-2021 njengoba zehle ngo-25 000.