KUZOTSHALWA amathimba ezempilo azohlala kuzo zonke izindawo ezithathwa njengezizinda ze-Coronavirus.
UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize uthe lokhu kuzobe kwenzelwa ukuthi abatholakale benegciwane bahlaliswe ngabodwana belashwe ukuze bangatheleli abanye.
Esitatimendeni asithumele kwabezindaba ngempelasonto uthe uyazi ukuthi kunemvunge mayelana nokuthi kungani kumele kuvulwe izinto ezamiswa ekubeni manje sebebaningi abantu abanaleli gciwane. Uthe lokhu kwenza kube sengathi sasingekho isizathu sokumiswa kokwenziwa kwezinto eziningi kanti isidingo sasikhona ngoba kwakwenzelwa ukuthi uhulumeni azihlele akwazi ukumelana nomthamo omkhulu wabantu abanegciwane.
Uqhube wathi njengamanje izinhlelo zokubhekana negciwane sezikhona kodwa nakhona kumele kube nendlela yokuxegisa kungavele kuvulwe nje.
“Amadolobha ayisizinda saleli gciwane abuye abe yisizinda somnotho ngakho kumele senze isiqiniseko sokuthi umnotho awufadabali kula madolobha,” kusho yena.
Uthe uyazi ukuthi abantu abaningi bajahe ukuthi isimo sibuyele kwesijwayelekile kodwa lokhu kuzokwenzeka uma igciwane lingasasabalali kakhulu.
Uthe uhlelo lokuxegiswa kwemigomo kathaqa noma yokuvulwa kwezinto ebezivaliwe ukuze kunqandwe ukusabalala kwegciwane lwenziwa emva kokubonisana nabantu abaningi, akuvele kwenziwe nje.
“Sethembele enhlanganweni yezempilo emhlabeni iWorld Health Organization (WHO) ngezeluleko zayo. Le nhlangano ithe kumele izwe elifuna ukuxegisa imigomo libe selikwazi ukubona nokuhlola bonke okungenzeka ukuthi banegciwane. Okutholakale ukuthi banalo libabeke ezikhungweni lapho bezohlala ngabodwa khona belashelwe kuzo,” kusho yena
UDkt Tedros Ghebreyuses umqondisi weWHO uthe ukubuyela esigabeni sesihlanu sokuvalwa kwezinto eziningi kulula uma izwe lingazange lilandele imigomo efanele ngesikhathi livula izinto ebezivaliwe.
Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi bangu-15 515 abanegciwane. Isibalo sabashonile sesenyukele kwabangu-264. NgoMgqibelo bangu-831 okutholakale ukuthi banegciwane. UDkt Mkhize uthe u-91% wabantu abangu-831 okutholakale ukuthi unegciwane useWestern Cape. Asebeluleme bangu- 6 478.