NGESIKHATHI umlingisi wodumo kwiGenerations, neYizo Yizo, uFana Mokoena, elaxaza i-Economic Freedom Fighters (EFF) ngo-Okthoba 17 nonyaka, iningi lizitshele ukuthi uzovumbuka kwiMK kanti bashaye phansi kwashunqa uthuli.
UFana (53) uvele wanikela ku-X ngoLwesihlanu, wadalula ukuthi usebuyele ekulingiseni. Leli ciko lize lafaka izithombe zezinkakha zabalingisi.
"Ngibusisekile ngokuphinda ngisebenze nabangani bami, uDesmond Dube noWarren Masemola. Okungabalingisi ababili abanohlonze bakuleli. Abafowethu bahlanganile. Kuhlale kusuka amaphepha. Ngibathulela isigqoko," kubhala uFana.
UFana ulandele obeyiphini likaMengameli we-EFF, uMnuz Floyd Shivambu nobeseyilungu lePhalamende elimele leli qembu likaMnuz Julius Malema.
Yize uShivambu eshiye kwi-EFF maqede wajoyina iMK Party eholwa nguMnuz Jacob Zuma kodwa u-Adv Mkhwebane ubengakacacisi ngekusasa lakhe.
Yize kunjalo kodwa omanalaphangikutshele bese beqalile ukuqagula ukuthi uFana no-Adv Mkhwebane nabo bazobhekisa amabombo kwiMK ebutha kwasani kwi-EFF.
UFana waqala ukugqama emkhakheni wokulingisa esedlala indawo kaDkt Mandla Sithole emdlalweni owuchungechunge okhonjiswa kuSABC 1 iGenerations ngo-1998. Ngo-1999 waqhamuka esedlala indawo yomfundi owayemdala kunabo bonke eSupatsela High kwiYizo Yizo 1, uThula.
Kusukela lapho ulingise nezingwazi zamazwe nezihlonishwayo emafilimini amaningi okubalwa ethi Machine Gun Preacher, World War Z, Hotel Rwanda neMandela: Long Walk To Freedom.
Phakathi kwabalingisi abadume umhlaba wonke aseke wadlala nabo kukhona u-Idris Elba, noBrad Pritt.