NKOSIKHONA CELE
UKHUTHAZA amadoda ukuba angafeli ngaphakathi kodwa akhulume uma ezithola ebhekene nenkinga ekamelweni umelaphi oyilungu eliqavile lakwaShembe, uMnuz Mthoko Gumede, odume kakhulu ngelikaFelemntwini.
UGumede, ongowaseSantombe eHarding ngokudabuka, uthi maningi amadoda azithola ebhekene nenkinga yokuthi awenzi kahle ekamelweni ikakhulukazi ngenxa yokuthi anesifo sikashukela nokunye okuningi.
UGumede uthi amadoda akumele akusabe ukuphumela obala ngoba ukuthula kungagcina kuholela ekutheni kuchitheke imishado yawo.
'"Ngikholwa ukuthi ayikho into emqoka ngaphezulu kokuthi amadoda afundiswe ukukhuluma ngezindaba zasekamelweni. Lokhu kudala ukuthi kube lula nakuwona ukuba aluthole usizo uma eludinga,'' usho kanje.
Ukubona amadoda amaningi ebhekene nezinkinga zocansi uGumede uthi yikhona okwadala ukuthi agcine esethaka imbiza elekelela amadoda ukuba abe yimiqemane uma esenkonzweni.
Uthi amadoda amaningi avele azizwe ephelelwa wubudoda bawo uma izinto sesiqala zingasahambi kahle enkonzweni yasekamelweni.
''Amanye amadoda agcina esenolaka olukhulu ngenxa nje yokuthi kukhona okungahambi kahle ekamelweni,'' echaza.
Uthe kokunye amanye amadoda agcina esefuna ukuthatha ngisho imiphefumulo yawo ngoba ayikho into enkulu kumuntu wesilisa edlula ubudoda bakhe.
"Iqiniso ukuthi amanye amadoda amane azizwe engelutho uma esehluleka ukwanelisa unkosikazi ekamelweni,'' echaza.
Uthe izimbiza zesintu zibalulekile kuphela nje wukuthi amadoda uma ezisebenzisa kumele aqikelele ukuthi aziphuza ngesikali esifanele nangendlela ayalelwe ngayo.
Lezi ngezinye zezinto azishumayela emakhasini akhe ezokuxhumana njengoba etholakala nakuFacebook enguFelemntwini.
Uthe uhlela ukuthi abe nezigcawu ezahlukene lapho azobe ehlose khona ukukhuthaza amadoda anezinkinga ekamelweni ukuba angafeli ngaphakathi.
Eqhuba uthe kulezi zinkundla ufuna nokuthi kudingidwe nezinto eziholela kulezo zinkinga ukuze kuxazululwe nemisuka.