KUQHILIKE izihlathi kubantu abasha abangosomabhizinisi abancane KwaZulu-Natal, ngesikhathi uhulumeni wesifundazwe edlulisa imali eyisibonelelo sikahulumeni yokuxhasa amabhizinisi abo emikhakheni ehlukeni.
Emcimbini wokwamukelisa abantu abasha ngoxhaso izolo eGreyville Racecourse, uNdunankulu uNkk Nomusa Dube Ncube, ukhiphe uR90 million wesikhwama esibhekele ukuthuthukisa abantu abasha emabhizinisi.
Lolu xhaso lukhishwe ngaphansi kweKwaZulu-Natal Youth Empowerment Fund, lunikezwa abantu ababefake izicelo zokuxhaswa.
Phakathi kwabanye osomabhzinisi abancane abathole uxhaso kukhona uNksz Ntwenhle Linda (30), noNksz Silondile Nxumalo (30), abasunguli bebhizininisi lamaqanda iLunginhlanhla Projects, eliseMangethe eMandeni, baxhaswe ngo-R1.4 million.
“Inkampani sayisungula ngo-2020 kodwa siqale ukusebenza ngoJuni ngonyaka odlule. Siqashe abasebenzi bayisikhombisa. Lolu xhaso luzosisiza kakhulu ngoba sesizokwazi nokuthola imoto ezohambisa umkhiqizo wamaqanda nakwezinye izindawo sihambisele amakhasimende ethu. Izophinde isilekelele ekuthengeni ukudla kwezinkukhu, ukuzakhela nokukwandisa isibalo sabasebenzi njengoba umsebenzi ukhula,” usho kanje uNksz Linda.
UMnuz Malusi Mchunu (33), onenkampani yokwakha ebuye ibolekise ngemishini yokumba iBOP Group, ongaphansi kukaMasipala waseZululand, uxhaswe ngo-R1.8 million wathi uzomsiza ekuthengeni imishini emisha edingekayo.
“Okwamanje siqashe abasebenzi abangu-11, ngalolu xhaso esilutholile silindele ukuthi siqashe abanye abathathu ngaphezulu,” usho kanje uMchunu.
UMqondisi jikelele ehhovisi likandunankulu uDkt Nonhlanhla Mkhize, uthe uhlelo lokuxhasa abantu abasha abangosomabhizinisi, luzosebenza iminyaka emithathu. Ngokwesibili lusiza bantu ngoba olokuqala lwalungo-2019, zingu-416 izicelo ezitholwe yihhovisi, kwaphumelela ezingu-51.
“Ezicelweni ezingaphumelelanga, phakathi kokunye okwenze zangaphumelela abebezifakile bebeneminyaka yobudala eyevile ku-35. Abanye bekungacacile ukuthi amabhizinisi abo azosebenza kanjani. Izicelo bezivela kubona bonke omasipala kanti ngesikhathi uhlelo luqala ngo-2019, uhulumeni wadlulisela kosomabhizinisi abangabantu abasha abangu-51, u-R65 million,” usho kanje.
Ugcizelele ukuthi imali edluliselwe entsheni ayibolikisi kodwa iyisibonelelo kulaba osomabhizinisi futhi ngeke bayikhokhe.
Omunye wabebehlomule phambilini ohlelweni ngo-2019, uMnuz Ntuthuko Miya, onenkampanei yokwakha eBergville, uthe ku-R 2 million ayewutholile wathenga imishini ebalulekile kanti wonga u-R800 000 ngonyaka futhi useqashe abantu abasha abangu-20.
Ekhuluma uNkk Dube- Ncube, uthe abantu abasha abazuza ohlelweni kumele babe ngamanxusa entsheni ehleli emakhaya esilahle amathemba.
“Asijabuli ukuthi isibalo sabantu abasha besifazane abahlomula emisebenzini kahulumeni asikafinyeleli ku-50%. Ngicelile ehhovisini likandunankulu ukuthi labo abasuke bengaphumelelanga ezicelweni abazifakile, bababhalele bebazise ukuthi kungani bengaphumelelanga ukuze balungise,” usho kanje uNkk Dube-Ncube.
Unxuse abantu abasha ukuthi baqinise emkhakheni wezobuchwepheshe, wathi ezinto ezintsha abaqhamuka nazo kwezobuchwepheshe bazibhalise ukuze zingatshontshwa abathile bezenze ezabo.
Bonke abantu abasha abangosomabhizinisi abahlomule ohlelweni abebehambele umcimbi bemukela amasheke emali ephakathi kukaR250 000 no R1.9 million.