UKUFUNGISWA kwamalungu amane amasha e-ANC ePhalamende namhlanje, okubalwa nePhini likaMengameli we-ANC uMnuz Paul Mashatile, kuzoqeda ukuqagela ngozovala isikhala esishiywe yiPhini likamengameli uMnuz David Mabuza.
UMabuza utshele abebehambele umngcwabo eMpumalanga ngoMgqibelo, ukuthi usulile njengephini likamengameli wezwe wathi noMengameli Cyril Ramaphosa, uyamukele eyokusula. Kodwa okhulumela umengameli uMnuz Vincent Magwenya, uthe nakuba uMabuza emazisile uRamaphosa ngokuthi ufuna ukusula kodwa umcelile ukuthi athi ukuma kancane kuze kulungiswe izinto ezithinta uMashatile nalesi sikhundla.
Kuzokhumbuleka ukuthi ukuze ubeyiphini likamengameli kudingeka ube yilungu lePhalamende kanti uMashatile ubengelona ilungu. USotswebhu we-ANC ePhalamende uNksz Pemmy Majodina, umemezele ukuthi kuzofungiswa amalungu amane okunguMashatile, Mnuz Sihle Zikalala obengungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, Mnuz Parks Tau noNksz Maropene Ramokgopa oyiphini lesibili likanobhala jikelele we-ANC owakhethwa engqungqutheleni ye-ANC eNasrec ngoDisemba nyakenye.
Bazovala izikhala ezishiywe amalungu oTshilidzi Munyai, Mervyn Dirks, Masefako Dikgale noMatshidiso Mfikoe.
“Siyawabonga la malungu ngokusebenza ngokuzikhandla ukuthuthukisa abantu bakuleli. Sethemba ukuthi nalapho bejutshelwe khona bazofike basebenzise ulwazi abaluthole ePhalamende ukuthuthukisa abantu bakuleli.”
Ubongele namalungu amasha wawafiselaokuhle kodwa.Njengoba kufungiswa la malungu kubhekwe ukuthi uRamaphosa enze izinguquko kwiKhabhinethi yakhe maduzane. Kwenzeka lokhu nje, njengoba kushiye uZikalala kwiKhabhinethi yaseKZN, kumele kwenziwe izinguquko kule Khabhinethi kuphinde kufungiswe elinye ilungu elizovala isikhala sakheesiShayamthetho.
UMabuza emngcwabeni ubalule nokuthi ushiya nje yingoba engazange akhethwe eNasrec ngakho kumele adedele uMashatile ambonayo ukuthi useyashabasheka ukuze angene kulesi sikhundla. Ngokujwayelekile kwi-ANC iphini likamengameli kuba yiphini likamengameli wezwe.
UMabuza wanqaba ukungenela umbango walesi sikhundla eNasrec. Igama lakhe laphakanyiswa ngesikhathi kunengqungquthela.
Ihhovisi likaSomlomo wePhalamende likuqinisekisile ukuthi la malungu afungiswa namhlanje. Ekhuluma nabezindaba emgubheniwe minyaka engu-111 kwasungulwa i-ANC enkundleni yemidlalo eHammarsdale, uNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe ayikho inhlekelele ngokuhamba kukaMabuza.
Uthe uMabuza ulisebenzele izwe wathi akukho okubi akushilo ngokuphefumula ngokwesula kwakhe. “Siyambonga futhi siyamhlonipha ngomsebenzi awenzile ezweni. Umengameli uyaxoxa noMabuza ngodaba lokuthi izinto zizokwenzeka kanjani. Uma esesulile uRamaphosa uzosazisa bese kuvalwa isikhala kodwa akukho zinkinga.”