BAZOTHOLA ama-SMS abazisa ngokuphumelela kwezicelo zezingane zabo eziyofunda uGrade 1 no-8 abazali babafundi baseGauteng.
Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Matome Chiloane, esithangamini sabezindaba. Wathi zingu-270 000 izicelo zabafundi abafuna ukufunda uGrade 1 no-8 asebezicubungulile, banikwa nezikhala.
“Abazali balaba bafundi bazothunyelelwa ama-SMS ngoSepthemba 4 nonyaka. Ama-SMS azochaza ukuthi umfundi ufakwe kusiphi isikole,” kuchaza uChiloane.
Uxwayise ngokuthi ngemva kokuthola i-SMS umzali uzoba nezinsuku eziyisikhombisa zokuthi aphendule.
“Lokhu kuchaza ukuthi umzali unezinsuku eziyisikhombisa zokucacisa ukuthi uyasithatha isikhala noma cha. Uma umzali engaphenduli ingane izofakwa kwesisodwaisikole, kwezine osuke uzikhethelile,” kusho yena.
Uqhube wathi lokhu bakwenzela ukuqinisekisa ukuthi izikhala ezintathu zidluliselwa kwabanye abafundi, ukuze luqhubeke phambili uhlelo lokuthi kufakwe abanye abafundi ezikhaleni.
“Ngakho bayacelwa abazali ukuthi baphendule ama-SMS abazowathunyelwa,” kunxusa uChiloane.