KULINDELEKE ukuthi uMbuso uqale weneke ubufakazi ecaleni elethweswe usihlalo we-ANC eThekwini, oyiLungu leSishayamthetho sesifundazwe, uNkk Zandile Gumede, osolwa ngenkohlakalo yethenda kadoti.
UNkk Gumede nabanye aboshwe nabo babuyela eNkantolo eNkulu eThekwini kusasa lapho kulindeleke ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala.
UNkk Gumede waxoshwa yi-ANC esikhundeni sobumeya eThekwini ngo-Agasti 2019 kwajutshwa uMnuz Mxolisi Kaunda osaphethe isikhundla namanje.
Ukuqala kokuqulwa kwecala kusho ukuthi uMbuso kufanele ubize ufakazi wokuqala alandise inkantolo ngakwaziyo. UNkk Gumede ungaphandle ngebheyili kaR50 000 ayithola emuva kokuboshwa ngoMeyi 2019.
UNkk Gumede ongummangalelwa wokuqala, usolwa ngokuba wungqondongqondo wetulo lokudla imali. UMbuso uthi uNkk Gumede wayesebenzisa amandla akhe ekhomoza izikhulu zomkhandlu ngokuthi zikhiphe amathenda ngendlela ethize bese labo ababewatholile, babuye baxhawule.
Abamangalelwa bagcine ukuvela enkantolo ngo-Agasti wonyaka odlule, lahlehla icala kwavunyelwana ngokuthi bazobuya kusasa selizoqulwa.
UMbuso uthi uNkk Gumede nabanye bahlela ukuthi bahlomule emalini yethenda kadoti eyayingu R430 million. Uboshwe noMnuz Sipho Nzuza owayeyimenenja kaMasipala weTheku ngesikhathi okuthiwa kwenziwa ngaso ubugebengu.
Amacala ababhekene nawo awenkohlakalo, wukukhwabanisa nokushintshanisa ngemali. Esewonke angu-2 793 esehlangene kubo bonke abamangalelwa. Abanye abamangalelwa aboshwe nabo bangu-21 kubalwa nababeyizikhulu zomkhandlu namakhansela ayekhona ngesikhathi esesikhundleni.
Ukuboshwa kukaNkk Gumede kumphazamise kakhulu emkhakheni wezepolitiki njengoba ephoqeleke ukuba ashenxe ezikhundleni aziphethe. Umgomo we-ANC uthi ababhekene namacala kufanele bame ukusebenza kuze kube izinkantolo ziphothula izindaba zabo.
UNkk Gumede ukhethelwe kwesikasihlalo nakuba ebhekene namacala wase ehlonipha umthetho wokushenxa.