KUDUTSHULWE kwabulawa abantu abathathu kwalimala abane ngesikhathi izigebengu zigebenga abantu abebejuxuza ejoyintini eliseDundonald, ngaphandle kwaseMayflower, eMpumalanga, namuhla ekuseni.
Ngokombiko ovela endaweni yesigameko, abantu abathathu bagasele ejoyintini ngo-4 ekuseni namuhla bakhomba amakhasimende ngezibhamu.
UBrigadier Selvy Mohlala okhulumela amaphoyisa eMpumalanga utshele abezindaba ukuthi abasolwa bagebenge abantu imali nomaselula, bazama ukuphoqa izisebenzi ukuba zikhiphe imali emathilini kodwa zahluleka.
“Zibuye zathatha izinsiza zikaDJ. Ngaphambi kokuba zihambe zivulele ngenhlamvu esixukwini kwadubuleka abantu abane,” kusho yena.
Uthe abantu ababili bashonele endaweni yesigameko kanti oyedwa ushonele emtholampilo.
Uthe kwabane abalimele, ababili bakhishwe ngemuva kokuxilongwa, kanti ababili bahlaliswa esibhedlela ukuze bathole ukwelashwa okuphelele.
UBrig Mohlala ubuye waveza ukuthi kusazophenywa ngelayisensi yale ndawo njengoba kucaca ukuthi ivulwe kwaze kwasa. Ubuye wanxusa umphakathi ukuba ubambisane namaphoyisa ukuze kubanjwe abasolwa.