USOLA imeya kaMasipala waseBaqulusini ngokuba nendluzula umndeni kudutshulwa ilungu lawo okukholakala ukuthi kwenziwe onogada abebephelezela abasebenzi abebezokhipha izinyokanyoka emizini yabantu eseHlobane, ngoLwesibili.
Umndeni kaThokozani Masondo (28), waseHlobane ngaphansi kwalo masipala, uthi ubeziphumela esitolo ukuyothenga okuthile ngesikhathi ehlangabezana nenhlamvu okukholakala ukuthi beyibhekiswe esixukwini sabebebhikisha befuna ukuvimbela abasebenzi bakamasipala ekushaqeni izigubhu zikagesi ezikokoteliwe endaweni.
Uninalume kaMasondo, uMnuz Sanele Mazibuko, uthe iMeya kaMasipala, uMnuz Khehla Mkhwanazi, iyisizathu esiholele ekufeni komshana wakhe engenacala.
“Ukudutshulwa komshana wami ngibona sengathi bekuvele kuqondiwe ngoba ngoMsombuluko ngesikhathi kunombhikisho ofanayo, umphakathi ucela ukuthi kuxoxiswane ungakhishelwa izigubhu, uMkhwanazi waphuma iqhubu nabanye ozakwethu esisebenza nabo kumasipala wathi yithina esigqugquzela isiteleka ngakho sesixabene, nakho-ke ngakusasa sekubulawa umshana,” usho kanje.
UMasondo kuthiwa ushone emva kwesikhashana engeniswe emtholampilo.
Uthe kuqale ngesonto eledlule, emva komyalelo wemeya, ukuthi kukhishwe ugesi emizini okukholakala ukuthi ayiwukhokheli. Umphakathi wavuka umbhejazane wabhikisha, yena nozakwabo baba yingxenye yombhikisho, kwabe sebezidonsele amanzi ngomsele. Uveze ukuthi ngoMsombuluko kufike uMkhwanazi ezolalela okushiwo ngabantu kodwa ngesikhathi abantu bezincengela bethi abanawo u-R10 000 umuzi ngamunye kwesebenzisa ugesi womkokotelo, waqinisa ikhanda wayalela ukuthi kuqhubeke ukukhishwa kwezigubhu kuleyo mizi. NgoLwesibili kuthiwa umphakathi uphinde wahlangana ngasemgwaqeni, kwafika uMkhwanazi ongazange ehle emotweni ehamba nezimoto zonogada kumasipala, okuyibona abadubulile ukuhlakaza isixuku, kungaleso sikhathi kudubuleke khona umshana wakhe.
Ukhale ngokuthi ukudutshulwa komshana wakhe esemncane kuwukuzwisa ubuhlungu umndeni, wathi futhi azikho izikhulu zikamasipala, kubalwa nekhansela lendawo, esezifikile ukuzokhalisana nabo, okwenza ziqine izinsolo zokuthi bekuhlosiwe
Esitatimendeni sikamasipala, uyazichitha izinsolo zokuthi uMkhawanazi ubekhona ngesikhathi kudutshulwa uMasondo. Kuvela nokuthi onogada basebenzise izinhlamvu zenjoloba kuphela.
Kuthiwa ubeseMtshezi lapho ebesebenzela khona, wathola ucingo emaphoyiseni limbikela ngosekwenzekile. Kubhalwe ukuthi amalungu omphakathi ahlasele abasebenzi bakamasipala abebesemsebenzini bekhipha ugesi ofakwe ngokungemthetho, bajikijelwa ngamatshe kangangokuba abanye bangeniswe ezikhungweni zezempilo belimele. Kuthiwa kucekelwe phansi impahla kamasipala, yantshontshwa enye nama-generator.
“Umphakathi wathi ufuna usomlomo, uNonkululeko Ndlela, esikhundleni semeya ukuthi alalele izikhalo zabo. Phakathi kwazo okwakuwukuthi kumiswe ukukhishwa kukagesi, izikweletu zabo zicinywe, wathembisa ukuthi ubuholi buzohlala phansi buludingide udaba kodwa umsebenzi wokukhishwa kwezinyokanyoka waqhubeka okuholele kulesi simo,” kubhalwe kanje.
Udlulise amazwi enduduzo emndenini, wanxusa umphakathi ukuthi uhloniphe ilungelo labanye lokubhikisha.
Kushaye isikhathi sokushicilelela amaphoyisa engakaphenduli ukuqinisekisa isigameko.