SEKUZWAKELE ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uzoshintsha iKhabinethi yakhe namuhla ebusuku.
Izindaba zokumenyezelwa kweKhabinethi entsha zivezwe nguMnuz Vincent Mangwenya ongumkhulumeli kamengameli.
Sekunesikhathi izwe lilindile ukuthi umengameli aphumele obala ngekhabinethi entsha, ekuqaleni kwenyanga edlule kwafungiswa amalungu amasha amane ePhalamende lakuleli.
UMnuz Paul Mashatile kubhekwe ukuthi uzothatha esikaMnuz David Mabuza osanda kusula njengephini likamengameli wezwe nasephalamende, iphini lesibili likaNobhala jikelele we-ANC, uNksz Maropene Ramokgopa, nobengungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, noMnuz Parks Tau.
Isazi kwezombusazwe uSolwazi Bheki Mngomezulu, sithi kuzoba khona ukuthikamezeka emsebenzini weminyango kahulumeni uma kwethulwa ongqongqoshe abasha.
UMngomezulu ubephawula mayelana nokubambezeleka kokuthi uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, amemezele ukushintsha kweKhabhinethi lakhe ngemva kokukhishwa kongqongqoshe abathile ezikhundleni ngemva kokhetho lwenhlangano ebusayo.
UMngomezulu uthe kulindelekile ukuthi nakanjani kube khona ukuthikamezela eminyangweni yongqongqoshe okubhekwe ukuthi bashintshwe.
“Ukwenza isibonelo nje, uMnuz Fikile Mbalula uzozithola esesimeni esinzima. Kulukhuni ukuthi uthi usubhekise amehlo akho ngaphesheya komfula, kube kulindeleke ukuthi ubuye uthathe izinqumo zanganeno,” kusho uMngomezulu.
Ngemuva kwengqungquthela kaKhongolose, uMbalula wakubeka kwacaca ukuthi usebhekene nomsebenzi wokuba ngunobhala jikelele.
Izindaba zokushintsha kweKhabinethi kususe omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana, abantu bephawula ngongqongqoshe abahlukene okumele baphume nalabo ababafisela izikhundla kule khabinethi kaRamaphosa.
Iningi liyabona ububende kanjalo nalapha iningi livumelane ngo-elethu ukuthi kunongqongqoshe osekumele bayophumula emakhaya, bangabe besabuya kwiKhabinethi entsha
Kwabahamba phambili ohlwini lwalaba bantu yilabo asebekhulile ngokweminyaka. Abantu bavumelana ngo-elethu ukuthi benze umsebenzi omuhle noncomekayo kodwa manje kabayophumula emakhaya.
Uhlu lokuqala longqongqoshe okuthiwa abaphume:
Uhlu longqongqoshe okuthiwa abangene:
Abantu abagcinanga ngohlu lwabafanele wukuphuma kodwa babeke nabantu abafanelwe wukunyuselwa ezikhundleni eziphezulu ngenxa yomsebenzi abawenzayo ezifundazweni.
Igama likaNgqongqoshe wezeMpilo eLimpopo, uDkt Phophi Ramathuba, lihamba phambili kwabafiselwa ithuba elihle emnyangweni ofanayo kuzwelonke. Abantu abaningi bancoma lo ngqongqoshe ngokuba neqiniso ekulweleni abantu bakuleli.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwake kwasabalala ivideo yakhe etshela isiguli esidabuka eZimbabwe ukuba izinsiza zabantu bakuleli ziqedwa ngabokufika, abafika kuleli befuna izinsiza zekhethelo nezibizayo bebe bengeke bakhokhe ngisho indibilishi.
“Ufike kanjani eBela Bela ngoba kumele ngabe ukuMnangagwa. Kumele ngisebenzise isabelomali sami esincane ukuhlinza wena kodwa umengameli wakho akanginiki lutho,” esho etshela isiguli.
Elinye igama elihamba phambili ngelalowo osanda kushiya njengesikhulu sase-UCT, uMamokgethi Phakeng. Abantu bakholwa wukuthi siyamfanela isikhundla sokuba wungqongqoshe wezemfundo kuzwelonke ngoba ubonisile ukuthi uyayikhathalela imfundo nabafundi abasuka ezindaweni ezahlukene.