USEJUBE ukuba kwenziwe uphenyo umkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal kulandela ukuvela kwe-video ekhombisa amaphoyisa enabisa ngenduku owesilisa oThongathi, eThekwini.
Isigameko kuthiwa senzeka ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi amaphoyisa enza umsebenzi wawo
UMajor General Nhlanhla Mkhwanazi uchaze isigameko njengesiwubudedengu futhi esitshengisa ukungabi nesibopho kwabaphethe.
Amaphoyisa athi kule video kuvela iphoyisa lisakaza ngempama umgilwa okubukeka engenzanga lutho.
Emuva kwesikhashana kuqhamuka amanye amaphoyisa afike ahlanganyele umgilwa amshaye.
Kuthiwa elinye lalawa maphoyisa libonakala likhahlela umgilwa eselele phansi lize lime phezu kwakhe.
UMkhwanazi uthe akukho muntu ongaphezu komthetho ngakho ufuna umbiko ogcwele ukuthi yini eholele ekutheni kuze kuhlaselwe umgilwa ongowesilisa ngalolu nhlobo.
“Ngaso sonke isikhathi uma esebenza amaphoyisa kufanele akhumbule uMthethosisekelo wezwe nendlela yokuziphatha yombutho wamaphoyisa. Iphoyisa lithatha isifungo sokusebenzela nokuvikela umphakathi ngakho akufanele lisebenzise budedengu amandla eliphathiswe wona,” kusho uMkhwanazi.
Uqhube wathi abantu kumele bazizwe bephephile futhi bangesabi uma bebona iphoyisa nokumele babalekele kulona uma benenkinga.
UMkhwanazi uthe uma umbiko ukhomba ukuthi aphule umthetho lawa maphoyisa, azobhekana nohlelo lokuqondiswa ubugwegwe lwangaphakathi embuthweni wamaphoyisa.
Uveze ukuthi amaphoyisa angaziphindisela kuphela uma ezithola ehlaselwa nakhona angasiqinisi isandla.