NGEKE esalubhada kuleli uMengameli waseRussia, uMnuz Vladimir Putin njengoba bekulindeleke ukuthi abe yingxenye ye-15th Brics Summit ezokuba kuleli ngo-Agasti, eGoli kusukela zingu 22-24.
Kuvela ukuthi yize uPutin engasezi kodwa iRussia izobe imelwe kulo mhlangano okuzobe kukhona amazwe angamalungu eBrics okuyiBrazil, Russia, India, China neSouth Afrika. IRussia ijube uNgqongqoshe wezangaphandle kuleliya lizwe uMnuz Sergey Lavroy ukuthi kube uyena ozobambela uPutin.
Ihhovisi likaMnuz Cyril Ramaphosa lithe kube nesivumelwano phakathi kweRussia neSouth Afrika, esithi kungakuhle ashenxe uPutin.
Kulokhu lo mhlangano kumele ube kule lizwe njengoba usihlalo walesi sigungu kunguMengameli waseNingizimu Afrika, uCyril Ramaphosa
Uhulumeni wakuleli bewubhekene nenkulu ingcindezi njengoba kuthe ngoMashi, abe International Criminal Court bayalela elakuleli ukuthi limbophe uPutin ngenxa yamacala ezempi. Obekwenza i-ICC ikhiphele iNingizimu Afrika lo myalelo ukuthi le lizwe lisemazweni asayina isivumelwano ne-ICC.
Umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen uthe basijabulele kakhulu lesi sinqumo.
Ngakolunye uhlangothi ne-ANC ngomkhulumeli wayo, uMahlengi Bhengu-Motsiri uthe, inkinga ayikho ngoba iRussia izobe imelwe kulo mhlangano.