KULINDELEKE kuqale namhlanje ukufunda esikoleni samabanga aphezulu i-Copesville, esiseMgungundlovu obesekuphele izinsuku ezintathu kungaqhubeki, abazali bevale amasango bebhikisha, bekhala ngokuvalelwa kwaso ugesi namanzi, okuthiwa kwenziwa uMasipala waseMsunduzi.
Amanzi nogesi bese kuphele inyanga kungabonwa, njengoba kuthiwa isikole sikweleta umasipala u-R4 million, wokukhokhela lezi zidingo.
UMnuz Mthuthuzeli Gasa owuSihlalo wesigungu esilawula isikole, ukuqinisekisile ukubuyiswa kwamanzi nogesi esikoleni.
“Izingane zizoqala ukufunda ngokwejwayelekile kusuka kusasa (esho namhlanje) ngoba ebesikukhalela sekulungisiwe. Nakuba kunjalo, sikhathazekile ngoba asisazi isivumelwano esikhona phakathi koMphathiswa woMnyango wezeMfundo nemeya kuMasipala uMsunduzi esiholele ekuvulweni kwalezi zidingo,” usho kanje.
Phambilini ngesikhathi ekhuluma neSolezwe kunombhikisho, wayeveze ukuthi yena nothishomkhulu benqaba ukusayina incwadi efungelwe evuma lesi samba ngesikhathi umnyango ubayalela ukuthi benze njalo. Isizathu ukuthi babesola iphutha kumasipala noma amapayipi avuzayo okwenza imali ekweletwa yisikole ifinyelele kulesi samba. Wathi ukusayina kwabo kwakuzosho ukuthi isikole ngeke sisithole isabelomali esiphelele esivela emnyangweni iminyaka ewu-15 njengoba bekuzobe kusakhokhwa isikweletu.
Okhulumela uMasipala waseMsunduzi uNkk Ntobeko Mkhize ukuqinisekisile ukuvulelwa kwesikole amanzi nogesi wumasipala.
“Emva kokuxoxisana phakathi kukamasipala nomnyango, kuvele ukuthi kunemali ethile eyidiphozithi ekhishwe wumnyango phambilini ukhokhela izikole ezikweletayo kulo masipala, nalesi sikole siyingxenye yazo, ngakho naso kumele sivulelwe,” usho kanje.
Khonamanjalo i-DA kuwo lo masipala seyinxusa uMphathiswa wokuHlaliswa KwaBantu esifundazweni uMnuz Siboniso Duma ukuthi angenelele ekukhokhisweni kwama-rates aphezulu kwabantu abahlala eCopesville okuthiwa kwenziwa umasipala.
UNksz Nomathemba Phungula oyikhansela le-DA kulo masipala, uthe abantu abahlala kule ndawo bathole amatayitela ezindlu zabo ngo-2019, kodwa imali yama- rates okuthiwa bayikweleta umasipala iqala ukubalwa nangesikhathi bengakawatholi amatayitela okuphambene nomthetho woMnyango wokuHlaliswa kwaBantu.
“Ngokomthetho womnyango, umuntu kumele aqale ukukhokha ama-rates emva kokuthi esethole itayitela lakhe. Abanye abantu bathi bathola izincwadi zezikweletu kumasipala zemali eyevile ku-R20 000 kanti eminye imindeni iyehluleka ukuyikhokha njengoba kuthiwa kumele bakhokhe idiphozithi ephakathi kuka-R4 000 no- R4 800,” usho kanje.
UNkk Mkhize unxuse abahlali bakule ndawo ukuthi bafake izikhalo kumasipala njengoba lukhona uhlelo oluvumela lokho uma besola ukuthi kukhona lapho kungahanjiswa khona ngendlela. Uveze ukuthi lukhona futhi uhlelo lukumasipala lokubonelela imindeni ethola imali engaphansi kuka-R5 000 ngenyanga, wagqugquzela abantu ukuthi basondele emahhovisi kamasipala bazogcwalisa amafomu.