KUZOCACA namhlanje ngobuholi be-ANC njengoba kuqhubeka ingqungquthela ebhekwe ngabomvu eNasrec, eGoli.
Le ngqungquthela iqale ngegiya eliphansi ibambezelekile emuva kokuba amanye amalungu abesabhalisa.
Lawo malungu akhale ngokuthi ngeke aze aye ezinkantolo azolinda kuze kulunge zonke izinto ezithinta ukubhalisa.
Ngakolunye uhlangothi i-ANC ikhale ngohlelo olusha elusebenzisayo ukuthi yilona olukhahlela konke okuthinta umuntu ongelona ilungu ngokuphelele.
Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, uthe bahlose ukuthi ingqungquthela iphele ngosuku olubekiwe okunguLwesibili.
Uthe kabafune lutho oluzophazamisa le ngqungquthela wathi yethuliwe imibiko ethinta isimo senhlangano nombiko wezimali wenhlangano.
“Sinethemba lokuthi sizophothula yonke into njengoba sihlelile. Sifuna ukuthi kushaye usuku lokuvala ingqungquthela sibe sesenze yonke into ebesiyihlelile,” usho kanje.
Uthe uhlelo olusha lwamalungu yilona obelukhahlela izinto ezithinta amalungu angagcwele.
“Lolu hlelo olusha lunezigaba eziningi. Luyakukhahlela uma ungelona ilungu ngokugcwele njengokuthi uma ungayikhokhile imali yokuba yilungu.”
UMabe uthe onobhala benze isiphakamiso sokuthi kuvotelwe zonke izikhundla eziphezulu ngesikhathi esisodwa.
“Njengoba kunenkinga yokuthi sisemuva ngokwesikhathi nangezinto ebesizihlelile, ukuthi sizobe sesizenzile, onobhala bezifundazwe banxuse ukuthi kuvotelwe zonke izikhundla kanye kanye, kungahlukaniswa.”
Uthe indlela okuzokwenzeka ngayo ngukuthi kuzovotwa ngokwezifundazwe noma sekuqhubeka amakhomishini.
“Amalungu azolokhu ephuma nje eyovota noma kuqhubeka amakhomishini. Inhloso ngukuthi siphothule izinto ngendlela futhi kungabi nokuphazamiseka kwengqungquthela,” kusho uMabe.
Kwenzeka lokhu nje uMengameli Cyril Ramaphosa ubhekene noDkt Zweli Mkhize kwesokuhola le nhlangano.
Njengoba kuqhubeka ingqungquthela amanye amalungu abecula ethi ‘akabuyi’, esho kuRamaphosa, amanye eshwiba izandla njengoba kwenzeka ebholeni etshengisa ukuthi kuzoba nezinguquko.
Amalungu e-ANC achitha eyehlandla lesibili kuMengameli Cyril Ramaphosa pic.twitter.com/ZcCyIPoqMa
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) December 18, 2022
Phakathi kwabaholi abaphumele obala ngokuthi uRamaphosa angalithathi ihlandla lesibili, kubalwa uMnuz Malusi Gigaba nosihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma njengoba lesi sifundazwe seseka uMkhize kwesikamengameli.
UDuma uthe nakanjani unethemba ukuthi uMkhize nguyena ozovala le ngqungquthela.
“Konke sikwenzile sinazo nezibalo ezisivunayo mayelana nokuthi uMkhize adle umhlanganiso. Nguyena ozovala le ngqungquthela,” kusho uDuma.
Silobe kusaqhubeka ukunxenxana kwabaholi abanye befuna kwesekwe uMkhize abanye befuna kwesekwe uRamaphosa.
Abanye abaholi ababhekiwe esikhundleni sephini likamengameli, kubalwa uMnuz Paul Mashatile, uMnuz Senzo Mchunu noMnuz Oscar Mabuyane.
Kwesikanobhala kubanga oMnuz Mdumiseni Ntuli, Fikile Mbalula noPhumulo Masualle.
Kwesikasihlalo kazwelonke kubanga oMnuz Gwede Mantashe ofuna ihlandla lesibili, Stanley Mathabatha noRonald Lamola.
Kwesephini likanobhala kubanga uNkk Nomvula Mokonyane noNkk Febe Potgieter.
Kwesikamgcinimafa kubanga uMnuz Bejani Chauke oweseka uRamaphosa, Pule Mabe okhulumela i-ANC noMnuz Mzwandile Masina.