ONGAPHANSI nongaphezulu embangweni wokuhola i-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal njengoba abaholi abahlukene bale nhlangano beqhubeka nokuveza ukuthi baseka bani kulo mjaho.
I-DA izokhetha ubuholi besifundazwe engqungqutheleni yezinsuku ezimbili ezoqala kusasa, eThekwini. Le ngqungquthela izohanjelwa yizithunywa ezingaphezu kuka-500.
Umbango wokuhola i-DA esifundazweni uphakathi kophethe lesi sikhundla, uMnuz Francios Rodgers neKhansela lakuMasipala waseMsunduzi, uMnuz Bongumusa Nhlabathi.
Kwesikasihlalo wesifundazwe kubhekene loyo osiphethe njengamanje isikhundla, uMnuz Dean Macpherson nelungu lePhalamende, uNkk Dianne Kohler-Barnard.
Kwesephini lomholi wesifundazwe, umbango uphakathi kwamakhansela akuMasipala waseThekwini, uMnuz Sithembiso Ngema noMzamo Billy.
Abaholi abaningi abaqavile sebevele sebeshilo ukuthi beseka baphi abaholi.
URodgers noMacpherson yibona abathole ukwesekwa kakhulu ngabaholi abaphumele obala.
Laba baholi bathole ukweseka ngamalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, amakhansela nabaholi bezifunda.
Imikhankaso kaRogders nokaMacpherson ikhombise ukudlondlobala kulezi zinsuku okubhekwe kuzo kwingqungquthela.
Lokhu kuza emva kokuthi bethole ukweseka yiMeya yaseMngeni, uMnuz Chris Pappas, engaconsi phansi kwi-DA nakubantu abangewona amalungu ale nhlangano.
UPappas, ongazange awungenele umbango wezikhundla kulokhu, uveze ukuthi uhamba noRodgers embangweni wokuhola i-DA esifundazweni.
UPappas, obekade eyiphini lomholi we-DA KwaZulu-Natal, uthe uyawethemba amagalelo kaRodgers njengoba basebenze kahle kule minyaka emibili edlule behola i-DA esifundazweni.
“Ngibona ezokwazi ukuhola i-DA ikakhulukazi njengoba sibheke okhethweni lwangonyaka ozayo. Ukhetho lwangonyaka ozayo lubalulekile kakhulu kuthina. Sinethuba lokugudluza i-ANC emandleni.”
Phakathi kwamalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal aphumele obala ngokweseka uRodgers, kubalwa uNksz Elma Rabe, noMmabatho Tembe.
Ancintisana naye, uNhlabathi, yena uthole ukwesekwa amakhansela okukhona kuwo awakuMasipala waseThekwini nawaseMsunduzi.
Phakathi kwamakhansela aseThekwini aseka uNhlabathi kubalwa loyo ohola iDA kuMasipala waseThekwini, uMnuz Thabani Mthethwa nephini lohola i-DA kulo mkhandlu.
Kumakhansela aseMsunduzi aseka uNhlabathi kukhona uMnuz Reggie Khanyile noDaniel Kemp.
UNhlabathi uphinde esekwe ubuholi be-DA kwisifunda sasoThukela.
Usihlalo we-DA kwisifunda uThukela, uMnuz Thys Janse van Rensburg, uthe i-DA KwaZulu-Natal, iyabudinga ubuholi bukaNhlabathi.
“Njenge-DA KwaZulu-Natal siqala isahluko esisha. Ubuholi bukaNhlabathi yibona obudingekayo ukuyisa i-DA KwaZulu-Natal phambili.”