KUPHAKAME umoya phakathi kukaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, nosihlalo wekomiti lomnyango ePhalamende uNksz Nompendulo Mkhatshwa ngomnqamulajuqu awunike izinkampani ezithole umsebenzi wokusabalalisa imali yezitshudeni ezixhaswe yisikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), ezikhungweni zemfundo, ukuthi zibuye nombiko ngesibalo sezitshudeni esezithole imihlomulo yazo.
Kusuke esinamathambo ngesikhathi uNzimande esebeka amazwi okugcina kulo mhlangano ekhala ngokuthi ikomiti lifuna ukubaphuca amandla njengomnyango ngokuthi libeke lo mnqamulajuqu ekubeni kungewona umsebenzi walo.
UNksz Mkhatshwa ubeyalele lezi zinkampani ukuthi zibuye nezimpendulo ezigculisayo ezinsukwini eziyisikhombisa, eziveza ukuthi zingaki izitshudeni esezixhasiwe.
UNksz Mkhatshwa uthe banelungelo njengekomiti lokuthi bathole izimpendulo ngoba kunezikhalo abahlale bezithola nsuku zonke, zezitshudeni ezibika ukuthi namanje azikazitholi izimfanelo zazo.
“Sihlalo, ngikhathazekile ngemiyalelo ekhishwa yikomiti ezinkampanini ezihlinzeka umsebenzi, kwamina njengongqongqoshe angisondeli kuzona, ngikhuluma ngqo neNSFAS okuyiyo enesivumelwano nazo. Akumele ngiphucwe amandla njengongqongqoshe, ngoba uma lezi zinkampani zingasakuphenduli, nizobuya nize kimina nifune ngithathe izinyathelo. Nami njengongqongqoshe womnyango angiyi ngqo ezinkampanini ezithole umsebenzi,” kusho uNzimande.
UNksz Mkhatshwa uchazele uNzimande ukuthi bathole izeluleko zomthetho ePhalamende, ukuthi bangakwazi ukuthola imininingwane eveza ukuthi zingaki izitshudeni esezixhasiwe.
“Imali yabakhokhi bentela le, okumele siyibhekele ukuthi iye endaweni efanele. Yileli komiti elivotela isabelomali ukuze kusizwe umphakathi. Uma izitshudeni zikhala ngokuthi namanje azizitholile izimfanelo zazo, kuyilungelo lekomiti ukuthola ukuthi kubambephi.”
Uqhubeke wama kwabekushilo ukuthi ufuna izimpendulo ezinsukwini eziyisikhombisa.
Kuzokhumbuleka ukuthi kunezitshudeni ezikhala ngokuthi namanje azikazitholi izimfanelo zazo.
Ezinye zazo zike zateleka zichitha uhlelo olusha lweNSFAS lokuzikhokhela ngqo imali kuma-akhawunti azo.
Ibamba lesikhulu esiphezulu seNSFAS uMnuz Masile Ramorwesi, liqinisekise ikomiti ukuthi bayazilungisa izinselelo ezibhekene nalesi sikhwama.
URamorwesi uthe ezinye zezinselelo abahlangabezana nazo ngukuthi izitshudeni zicekela phansi amakhadi okumele zifakelwe kuwona izimfanelo zazo.
“Izitshudeni zixosha abazosiza ngohlelo lokukhokhelwa kwezitshudeni. Sisuke sizama ukuzofundisa ngokusebenza kwalawa makhadi njengoba kuhlale kukhalwa ngawo, nemali ekhokhwayo uma kudingeka usebenzise leli khadi.”
Uveze ukuthi zibalelwa ku-20 000 izicelo abasalinde imininingwane yazo evela emanyuvesi.
“Le mininingwane ithinta imiphumela yezitshudeni ukuze sikwazi ukuqhubeka sizixhase kanjalo nokunye okusuke kungaphelele. Sesikwazile ukuphothula ezinye zezimangalo ezafakwa yizitshudeni ezingalutholanga uxhaso.”
UNzimande unxuse ikomiti ukuthi limeseke njengoba efuna kuboshwe abazali nezitshudeni abakhwabanise eyeNSFAS.