KUQUBUKE impi yamazwi phakathi kwamalungu ekomiti lemigomo yePhalamende. Bekudingidwa ngokungasukunyelwa kwezinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe kuSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula.
Amalungu aphikisayo abuze ukuthi yiziphi izinyathelo ezizothathelwa uNkk Mapisa-Nqakula, ngezinsolo zokuthi wagwazelwa cishe ngoR2 million? Kuthi imali wayinikezwa ngomunye usonkontileka owayethole ithenda emnyangweni wezokuVikela ngesikhathi usaphethwe nguSomlomo.
Nakuba uNkk Mapisa-Nqakula ezichithile izinsolo futhi wazibophezela ekutheni uzobambisana nophenyo kodwa amalungu ePhalamende akhale ngokuthi kubukeka inganakwa eyezinsolo.
UNksz Hlengiwe Mkhaliphi we-EFF, ubuze ukuthi yikuphi abakwenzayo ngezinsolo, wafuna ukuthi udaba lubhungwe izolo emhlanganweni.
Ibamba likasomlomo uMnuz Cedric Frolick, liphendule ngokuthi udaba lusezithebeni zekomiti elibhekele ukuziphatha kwamalungu. UFrolick uthe uma kuwukuthi bayalubhunga udaba, bazobe bephula imigomo yekomiti okumele ilucubungule.
Kodwa uNksz Mkhaliphi uthe ngeke avume ukuthi batshelwe ukuthi yiziphi izinto okumele bazixoxe nokungamele bazixoxe.
Kujobelele uSotswebhu weDA uNksz Siviwe Gwarube, wathi bazofaka isikhalazo ekomitini lezokuziphatha kwamalungu ePhalamende. Wathi kumele sivikelwe isithunzi sePhalamende futhi wathi labo abatholakala benecala lenkohlakalo kumele babhekane nomthetho.
UFrolick uchazile ukuthi ikomiti elibhekele ukuphenya izinsolo ezibhekiswe kuSomlomo, lagcina ukuhlangana ngo-2023, nakhona lahlangana izikhawu eziyisithupha. Uveze ukuthi kulo nyaka alikaze lihlangane.
Lokhu kudale ukuthi amalungu avuke umbhejazane, abuza ukuthi ngabe bukhona yini ubulungiswa obuzokwenziwa yikomiti elihlangana izikhawu ezimbalwa ngonyaka?
“Asikwazi ukuthi singahlala singenzi lutho kunezinsolo ezinzima kanje,” kusho uNksz Mkhaliphi.
USotswebhu we-ANC uNksz Pemmy Majodina, uvikele uNkk Mapisa-Nqakula, wathi akumele izinsolo ezingakaqinisekiswa ziphenduke inkundla yokunqakisana ngamazwi.
UNksz Gwarube uthe uma ikomiti limthola ukuthi kumele aphendule ngezinsolo uSomlomo, kumele kuqale uhlelo lokumsusa esikhundleni.
Okhulumela uSomlomo uMnuz Mike Ramagoma, uthe uma kunophenyo olwenziwayo uNkk Mapisa-Nqakula uzobambisana nalo futhi uzophendula yonke imibuzo. Kepha, uRamagoma ukuqinisekisele ukuthi usomlomo umsulwa ezinsolweni asolwa ngazo.