KUSHODE ozogadla kuqala enkantolo emuva kokuklolodelana ngamazwi phakathi kwamalungu omndeni wesosha elisolwa ngokubulala nabomndeni kamufi.
Isosha loMbutho wezeMpi eNingizimu Afrika uMnuz Lwanda Zungu, licele ibheyili eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
Njengenjwayelo ulandwe ezitokisini wangena enkantolo wahlala phansi ebhokisini labasolwa.
Kube sekungena abantu abazothamela icala. Kubona bekuhamba phambili udadewabo kaZungu, uNksz Lwanele Zungu nabomndeni wakhe.
Kube sekungena abomndeni kamufi, uNkk Tania Msane-Zungu.
Omunye wabakubo kamufi bekuthi akamudle amqede uNksz Zungu, wabanjwa abebehamba naye wamkhumbuza ukuthi kusenkantolo lapha angazithola esejeziswa kanzima.
Yomibili lemindeni eganiselene ibe isihlala ngokwehlukana emabhentshini enkantolo kubonakala ukuthi ithibelene.
Ummeli kaZungu, u-Advocate Muzi Mzelemu ubize uNksz Zungu ezokwethula ubufakazi.
UZungu uvele wagebisa ikhanda wase echiphiza izinyembezi ngesikhathi ezwa ukuthi idonsa kanzima indodakazi yakhe kusukela aboshwa ngoJanuwari.
UNksz Zungu uthe uyapatanisa ukuze ilale idlile futhi ikwazi ukuya esikoleni indodakazi yesosha eneminyaka engu-13.
UZungu ugqunywe ejele laseWestville lapho etoke khona ngezinsolo zokuthi wadubula amahlandla ayisithupha wabulala inkosikazi yakhe, abanezingane ezimbili nayo, uNkk Tania Msani-Zungu.
“U…(edalula igama lengane) akayijwayele impilo ayiphilayo manje yokuthi amukele ukuthi into ethile ayifunayo ngeke akwazi ukuyithola.
“Unokuzivalela yedwa endlini athi ukhumbule uyise. Ufeyilile nasesikoleni nge-term yokuqala nonyaka.
“Kunzima ngoba nonina wayo (ingane) engasekho emhlabeni. ULwanda ubemthanda futhi embiza ngontombikayise u(ebiza igama lengane),” kusho uNksz Zungu.
Lowesifazane utshele iMantshi yeNkantolo yasePinetown, uGwendolyn Robinson ukuthi unezingane zakhe ezintathu azikhulisayo ngoR4 420 awuhola lapho esebenza khona nawo ongenele ukwenza zonke izidingo zomndeni.
Uqhube wathi ubuye ahlephule emalini yesondlo sikahulumeni sabantwana bakhe ukuze enze izidingo zengane yesosha athe izindleko zayo zilinganiselwa ngaphezu kukaR3 000 ngenyanga.
Ingane obekukhulunywa ngayo ekaZungu ayithola entombini, engazalwa wuNkk Msane-Zungu abanezingane ezimbili zabafana naye.
Lezo izingane zabafana kuthiwa zathathwa abaKwaMsane emuva kwesigameko.
“Ingane yashonelwa unina wayo ngo-Ephreli ngonyaka odlule. Emuva kwalokho ihlale noLwanda noTania emzini wabo. Selokhu kwenzeka isigameko isihlala nami,” kusho uNksz Zungu.
Uveze ukuthi lentombazane yesosha iqale yafeyila uGrade 7 ngoDisemba, kumanje ihamba udokotela oyeluleka ngengqondo futhi idinga imishanguzo yokuthithibalisa i-sinus ewufuzo kulomndeni.
Lo wesifazane uchaze ubhuti wakhe njengomuntu onenhliziyo enhle, obewusizo kubo bonke futhi ewunakekela umndeni wakhe.
Uthe bangamemukela ngaphandle kokumbeka amabala emndenini uma ngabe inkantolo imnikeza ibheyili.
Umshushisi u-Ehud-Jadon Francke ube esetshela imantshi ukuthi uzogadla ngencwadi efungelwe yomphenyi wecala.
Lencwadi iphonselwe inselelo uMzelemu wathi uyacindezelwa uZungu, abukho ubulungiswa kokwenziwa umbuso obavukele esiswini njengotshwala uletha lencwadi abebeqala ukuyibona izolo.
Ube esefaka isicelo esiphuthumayo sokuba avunyelwe uZungu ukuba agibele ebhokisini labasolwa ukuze aziphendulele kwasolwa ngakho kulencwadi.
Uthe isicelo sebheyili akumele sibe njengomdlalo we-chess lapho kugodlelwana khona ulwazi. Imantshi ithe izokwahlulela namuhla ngalokho.