UNGQONGQHOSHE weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Sihle Zikalala unxuse amalungu omphakathi ukuthi ayiphathise okwezikhali zamaNtungwa iNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone, ebivulwa ngokusemthethweni.
UZikalala ukusho lokhu ngesikhathi ehambele kule ndawo nezinye izikhulu zikahulumeni, okukhona kuzo noNgqongqoshe woMnyango wezoBulungiswa, uMnuz Ronald Lamola.
UZikalala uthe ukuvulwa kwenkantolo esezingeni eliphezulu kusho lukhulu emizamweni yabo yokuqinisekisa ukutholakala kwezobulungiswa ebantwini basendaweni.
“Izoqinisa ukuthula iphinde ixazulule ukungaboni ngasolinye nomsindo kulandelwa indlela efanele, okungumthetho,” kusho uZikalala.
Uqhube wathi bayajabula ukuthi umsebenzi wokwakhiwa kwayo ugcine uphothuliwe njengoba kwaqalwa eminyakeni elinganiselwa eshumini eyedlule.
“Kube nezingqinamba eziningi. NgoSepthemba 2021 kwagcina kuqokwa omunye usonkontileka okwazile ukuthi aqede umsebenzi ngesikhathi ayebekelwe sona,” kusho uZikalala.
Ubuye wathi okunye okubuye kwaphazamisa ukwakhiwa kwayo ngama-forum amabhizinisi adume ngokuphazamisa ukwakhiwa nokulungiswa kwezakhiwo zikahulumeni.
La ma-forum asuke efuna ngodli ukuhleshulelwa umsebenzi uma kuqhubeka umsebenzi wokwakha.
Ubalule ukuthi isezingeni eliphezulu inkantolo futhi phakathi kukhona izinto ezilekelela abantu abakhubazekile nezobuchwepheshe ezisezingeni.
Uveze nokuthi ukwakhiwa kwayo kudale inqwaba yamathuba omsebenzi ezakhamizini zasendaweni njengoba ziqeqeshwe kancane emikhakheni ehlukene.