INHLANGANO emele abahleli kuleli iSanef inxusa i-IFP ukuba icabangisise kahle ngemashi eyihlelile.
Leli qembu liveze ukuthi lihlele ukumashela emahhovisi ephephandaba iCity Press ngoba lingagculisekile ngomsebenzi womhleli waleli phephandaba uMnuz Mondli Makhanya.
Leli qembu lithe sekuyiminyaka uMakhanya ezenza intatheli kanti unamagqubu naleli qembu.
Imashi ihlelelwe umhla ka 16 Septhemba 2022.
ISanef ithe lokhu kuyisimo esingesihle nesibonisa sengathi azikho ezinye izindlela ebezingasetshenziswa ukubhekana nezinkinga ezikhona ezithinta izintatheli noma izinkampani ezishicilela izindaba.
“NjengeSanef, sibona imashi iyisenzo sokusabisa esivela kwi-IFP siqondiswe kulaba abagxeka leli qembu noma ubuholi balo,” kusho le nhlangano ngesitatimende.
Le nhlangano ithe ayikholwa ukuthi ukugqugquzela abalandeli bale nhlangano ukuba bamashele emahhovisi abezindaba kuzoba nesisombululo esiphusile.
Inxusa leli qembu ukuthi lisicabangisise isinqumo salo.