UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo kuleli, uNkk Angie Motshekga, unxuse abazali ukuba balekelele izingane zabo ngokufunda izincwadi.
Ungqongqoshe uMotshekga uthe inkulu kakhulu inkinga yabafundi abangakwazi ukufunda izincwadi, nokuyinto egqame kakhulu ngemuva kweCovid-19. Uthe kungumsebenzi wawo wonke umuntu osempilweni yengane ukuba ayikhuthaze ukuthi ifunde futhi ijwayele ukufunda.
UMotshekga unxenxe abazali ukuba badlale indima yabo ekukhuthazeni izingane ukuba zifunde, wathi abazali nabanakekeli bezingane badlala indima ebalulekile empilweni yezingane ngoba yibona othisha bokuqala bazo.
“Isikole sidlala indima ebalulekille yokunikezela ngezinsiza zokufunda ezingasetshenziswa yimindeni,” usho kanje.
“Ningazithengela izingane amaswidi kodwa ningazikhohlwa izincwadi. Sinxusa kakhulu abazali abasebancane ukuba baqikelele ukuthi bakhuthaza izingane zabo ukuba zijwayele ukufunda,” kusho u-Angie Motshekga.
Ukusho lokhu esithangamini sabezindaba lapho ebeveza khona umhlahlandlela wezemfundo.
Ngaphezu kwenkinga yokungakwazi ukufunda kwabafundi, ungqongqoshe ubuye wethula udaba lomthethosivivinywa wokuchibiyela imithetho yezemfundo eyisisekelo.
Uthe sekuphothuliwe ukulalelwa kweziphakamiso zomphakathi.
“Lo mthethosivivinywa uphendula izidingo zamanje mayelana nokushintsha kwezibalo zabantu emiphakathini yethu, okutholwe yizinkantolo nalokho okuqaphelekayo njengoba umnyango uziqaphile izikole.”