KUNUKWA ikhansela ngowesilisa obesekuyophela inyanga yesithathu enyamalele, isidumbu okukholakala ukuthi ngesakhe esitholwe sesonakele silaxazwe emafusini agudle ujantshi phakathi kwamafemu, KwaSithebe eMandeni ngeledlule.
UMnuz Siyabonga Makhoba (40) kuthiwa ubegcine ukubonwa ngoFebhuwari 7 kulo nyaka evakashele abangani bakhe.
Isidumbu okukholakala ukuthi ngesakhe, kuthiwa sitholwe sisagqokiswe izimpahla ezifanayo nayenyamalale ezigqokile, sesingasabonakali kahle.
Umndeni kaMakhoba usola ikhansela lenye yama-ward KwaSithebe, njengoba ngesikhathi edukile, bekunamahlebezi okumsongela.
Lamahebezi alandele emva kokungavumelani ngemali ikhansela okwakumele liyikhokhele umufi ukuze acishe icala lokushaya, ukuzama ukubulala nokuthumba ayelithwese lona.
Kusolakala ukuthi ikhansela lenza lokhu limsola ngokweba uthayela walo.
Umfowabo kamufi uMnuz Mthoko Makhoba, elandisa Isolezwe uthe ngoNovemba nyakenye umsolwa nabangani bakhe bathumba umufi.
Kuthiwa bamhudula ngemoto bembophe izandla nezinyawo bamshaya bemsola ngokuthi untshontshe uthayela, okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi awuthathwanga uyena.
“Emva kwalokho sihlanganile, kuvulwe icala emaphoyiseni aseSundumbili, nokuthe ngoJanuwari 14, ikhansela lahlangana nomndeni lifisa ukuthi kucishwe icala.
“Umfowethu ufune u-R50 000 ngokulimala kwakhe, ikhansela lathi lingamkhokhela u-R25 000 kwagcina kungabonwanga ngaso linye, kwaba ukuthi umufi uyaqhubeka necala,” usho kanje.
Uthe bezwe ngabathile ukuthi ikhansela lisonga ngokuthi ngeke liqedelwe umsebenzi yi “phara” lona.
Kusaphele amasonto amathathu emva komhlangano, umufi wanyamalala njengoba isidumbu okusoleka ukuthi ngesakhe sitholwe ngeledlule.
UMakhoba uphinde wagxeka umphenyi wecala ebelithweswe ikhansela ngokuhudula izinyawo ekuqoqeni ubufakazi njengoba ifomu lokulimala i- J88, (Isolezwe elilibonile) likhombisa ukuthi umufi wayelimele kabi ngesikhathi evulela umsolwa icala.
Uveze ukuthi batshelwe ukuthi icala elithweswe ikhansela lihoxisiwe ngenxa yokushoda kobufakazi, kanti lolu lwazi lufinyelele emndenini umufi esanyamalele isidumbu singakatholwa.
Yize umndeni uthumelele intatheli yonke imininingwane ngokubikwa kwecala elithweswe ikhansela lokushaya, ukuthumba nokuzama ukubulala umufi, okubalwa nenombolo yecala elivulwe esiteshini samaphoyisa eSundumbili, amaphoyisa aqinisekise ukutholwa kwezinsalela zesidumbu somuntu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNyoni avule idokodo lophenyo ngokufa komuntu.