ININGIZIMU Afrika ihlezi isengcupheni yokubheduka kwesifo sohudo njengoba kunezindawo ezingenawo amanzi ahlanzekile okwenza kugcine kusetshenziswe angaphephile.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Joe Phaahla, izolo, ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ebesihlelwe uphiko lwezokuxhumana lukahulumeni lapho uMnyango wezeMpilo nowezeMfundo beyicacisa kabanzi ngokushiwo umengameli wakuleli mayelana nale minyango.
UPhaahla uthe leli gciwane laqala ukutholakala kuleli kwabesifazane ababili ababeye eMalawi, beyongcwaba isihlobo, babuya sebephethwe isifo sohudo. Sebebuyile kwatheleleka umyeni womunye walaba besifazane. Abanye okutholakale benalesi sifo bebengakaze baye kwamanye amazwe, kubalwe nowesilisa waseBenoni, obulelwe yisifo sohudo.
Uthe okwamanje bonke abahaqwe ilesi sifo baseGauteng, uMnyango wezeMpilo esifundazweni, wenza konke ukunqanda ukusabalala kwaso.
"Yize kwenziwa konke lokhu kodwa sisengcupheni yokuthi lesi sifo sisabalale ngoba ezindaweni zasemakhaya amanzi asakhiwa emifuleni, nalapho ephuma kompompi uma kwenzeka leli gciwane lingena emathangini agcina amanzi lingasabalala," kusho yena.
Uthe okwamanje lesi sifo asikakafiki emakhaya.
Ephawula ngenkinga yokushoda kwamanzi ezibhedlela uma kuhambe ugesi, uthe izibhedlela zinawo amathangi azo abhekelele izimo ezinjengalezo kodwa uma ugesi usuhambe isikhathi eside ezindaweni okudonswa amanzi, nazo izibhedlela ziyaphazamiseka yize zona zisuke zinawo ugesi ngoba awucishwa kuzo.
"Sihlela ukuthi kulo nyaka wezimali sibe nogesi obhekelele izibhedlela nemitholampilo osebenza amahora angu-24 okungaba utholakala komasipala noma ngenye indlela ezoba nesiqiniseko sokuthi awupheli," kusho uPhaahla.
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga obekhuluma kulesi sithangami naye, uthe njengoba kuqale umkhankaso wokugomela isimungumungwane ezikoleni, abazali abaningi bayawasayina amafomu, akufani nangesikhathi becelwa ukuthi basayinele ukuthi abafundi bagonyelwe iCovid-19.
"Ngicabanga ukuthi lokhu kudalwa ukuthi umgomo wesimungumungwane neHPV (isifo esithathelana ngokocansi) sekunesikhathi ikhona, abazali abanakho ukwesaba ngayo," kusho yena.
Uthe kulo nyaka kuqalwe izinhlelo zokukhetha izifundo ezihambisana namakhono okungaba amakhono kagesi nezinye izinto ezisebenzisa izandla ezikoleni kodwa kuya ngesifundazwe ngasinye ukuthi sikhethe kanjani.