USOMLANDO onezincwadi ezilanda izingxabo zobukhosi kwaZulu, uSolwazi Jabulani Maphalala, uthi kukhona okushaya amanzi ngokuqhubeka kwesizwe samaHlubi ukulwela ukuthi inkosi yawo ibe sezingeni lobuNgonyama.
UMaphalala ubephawula ngamathuba empumelelo esicelo amaHlubi asifake eNkantolo yoMthethosisekelo esizolalelwa namhlanje sokuthi Inkosi uMzwenkosi Johannes Hadebe (iNkosi uLangalibalele II) ibe yiSilo.
Esicelweni sawo, amaHlubi athi Inkosi Langalibalele II ifanelwe ukuba yiSilo ngoba iphethe izizwe eziningi ezikhonza ngaphansi kwayo.
Kodwa uMaphalala uthi umlando uyawaphikisa amaHlubi.
“Abakaze babe neNgonyama. Angazi ukuthi igunya lokuthi bayiNgonyama balithathaphi. Angazi ukuthi bazofike bathini enkantolo kodwa akukho lutho okuyisimanga okuvelayo emlandweni wabo.”
UMaphalala uthe ngesikhathi iSilo uShaka kaSenzangakhona sibumba isizwe samaZulu, sawagwinya amaHlubi.
“ILembe lalibathatha labo abangalilwisi, babe yingxenye kaZulu. Akuzange kube nempi eyayiziwombe, lapho babebiza iSilo uShaka iqhude. Bazingenela bona ngaphansi kombuso kaZulu.”
UMaphalala, owacwaninga ngomlando wamaHlubi encwadini yakhe ethi “Umlando Wamakhosi eSifundazweni saKwaZulu-Natal” (Umqulu I), uthe emva kokuba amaHlubi esekhonza kwaZulu, aba nebutho okwakuthiwa iZinyendane zikaNandi.
“Babefaka amabheshu amade ayakhiwe ngesikhumba sembuzi. Babelwa njengawo wonke amaZulu uma kunezimpi.”
UMaphalala uthe amaHlubi aseke ammema izikhawu ezintathu emigubhweni yesizwe. Kukule migubho lapho athi wafike wawatshela amaHlubi ukuthi awakaze abe nobuNgonyama.
“Kwaba sengathi bayangizwa. Angazi ukuthi ngubani lo osebafake lo moya njengoba sebeqhubeka nje.”
Imigubho emikhulu yamaHlubi yenziwa eMahlutshini, eMtshezi, nokuyilapho kunesigodlo esikhulu sesizwe.
Akusikhona okokuqala amaHlubi efaka isicelo sobuNgonyama.
Afaka isicelo sobuNgonyama ngesikhathi kunekhomishana eyayiholwa uSolwazi Thandabantu Nhlapho, eyayiphenya ngobukhosi bomdabu.
Ikhomishini kaNhlapho yathola ukuthi ziyisikhombisa izizwe ezinobuNgonyama kuleli. KwaZulu-Natal kwavela ubukhosi bukaZulu kuphela obunobuNgonyama.
Ayengu-11 amakhosi alapha KwaZulu-Natal ayefake izicelo zobuNgonyama ngesikhathi kunekhomishini kaNhlapho.
Izicelo zala makhosi zacasula iSilo esesakhothama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, owafanisa isenzo samakhosi nokuvukela umbuso kaZulu.
UMaphalala uthe la makhosi ayevele edlala ngegeja kuziliwe.
“Nalapho ngawakhuza lawo makhosi. Kubukeka sengathi kukhona abantu ababehamba bethembisa amakhosi ubuNgonyama ngesikhathi kunekhomishini. Ukhona impela umuntu owayepheka lelo bhodwe.”