UMENGAMELI wakuleli, uCyril Ramaphosa, uthe ukulawulwa koMbuso yidlanzana into eyaba khona futhi iyona kanye eyaba nomthelela omubi kuleli.
URamaphosa okade evala ubufakazi bakhe kwiKhomishini ephenya ngezinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana, uthe yinto eyayikhona lena ngesikhathi eyiphini likamengameli wangaleso sikhathi, uJacob Zuma, futhi uyazi ukuthi kwaba nomonakalo omkhulu kangakanani emnothweni nokuthenjwa kukahulumeni ngabantu.
URamaphosa ushiye engalazi eqeda, waze washo ukuthi kwayena impela uyakuvuma ukugxekwa ngezinqumo azenza ngaleso sikhathi, sokulawulwa koMbuso yidlanzana.
Sonke lesi sikhathi kusukela ngo-2018, kube wumsebenzi weKhomishini eholwa uSihlalo iJaji uRaymond Zondo, ukuthola ukuthi ngabe ngempela uMbuso ubulawulwa ngabathize yini?
“Kuningi nje engifisa ukukubonga kwikhomishini. Ngishiya lana nginamanxeba, ngopha igazi. Ngibonga ukuba ninginike ithuba ngizokwethula ubufakazi. Singakhohlwa ukubonga izintatheli ezaphenya, empeleni nje ngeke sikwazi ukuklama umonakalo owenzeka ngenxa yokulawulwa koMbuso yidlazana kuleli. Kungafika kuma-billion. Ukugwazelwa nokuntshontshwa kwemali nezinto zezwe.
“Kubize imali eningi kakhulu ukulawulwa kwezwe uma uqhathanisa nokuphenya lezi zigameko. Kumele singakhohlwa nokho ukuthi ukuntshontshwa kwemali kungaphezu kwemali esetshenziswe kuphenywa. Ukulawulwa koMbuso yidlanzana kwenze izinto ekwakumele zibe khona zangenziwa, okubalwa kuzo izindlu, izibhedlelala, imigwaqo nokunye okuningi ngoba imali yasentshenziswa ngendlela engafanele,” kubeka uRamaphosa.
Uthe nangokomnotho salahlekelwa kakhulu.
“Kumele singakhohlwa ukuthi ukulawulwa kwezwe kusilahlekisele ngabatshalimali ngoba bebebuka izwe lethu, bethi singafaka kanjani imali ezweni elilawulwa wumndeni owodwa?” kusho uRamaphosa.
Uqhube wathi: “Namanje kade kunemibhikiso, silimele kakhulu. Kuzoba iminyaka ukuze siphinde siziveze sibahle kwamanye amazwe. Kanjalo nokulawulwa koMbuso yidlanzana kusilimazile kakhulu siyizwe.
“Kungenzeka ukuthi ngisho nabantu abasebasha, lokhu kubenze bangafisi nje ukuba yingxenye kahulumeni. Siyanxenxa abantu abasha ukuba besondele kuhulumeni, basebenzele izwe labo,”
Uthe naye ngeke azibeke ngaphandle kulaba ababekwa icala.
“Njengomuntu owayesebenza ngesikhathi kulawulwa uMbuso yidlanzana, ngiyazigxeka nami futhi ngiyakuvuma ukugxekwa kwami ngezinqumo engazithatha. Ngifakazile lana ngasho nokuthi manje siyazama ukulungisa izinto. Ngiyazi kuzothatha isikhathi kodwa kuzolunga. Esikwenzile eminyakeni emibili edlule, kuyacacisa ukuthi siyalwa nenkohlakalo, mina nethimba lami engiliholayo,” kusho uRamaphosa.
Ube esebonga ikhomishini wathi: “Ngibonga kakhulu umsebenzi wekhomishini, abasebenzi, abaphenyayo, nawe (Zondo) ngokwenza umsebenzi omuhle esizweni, ukuqhakambisa umthetho nokubeka konke obala. Noma ngabe yiziphi izingqinamba esihlangabezana nazo sizoqhubeka. Wena sihlalo, sinawe, sake saxoxa umlomo nomlomo ngezinto ezazikukhathaza. Nangendaba yemali esetshenziswe lapha, angicabangi ukuthi imoshiwe, isetshenziswe ngendlela.”
Uthe kukhona abanye abaholi abebethi angezi ukuzofakaza.
“Bangibuza ukuthi kunani? Ungumholi, umengameli wonke? Uyophonswa ngemibuzo? Ngaphendula ngathi lokhu kufanele ngikwenze, kumele ngiphendule esizweni,” kusho uRamaphosa.
UZondo, ephendula uthe naye uyazibongela ngethuba lokwenza lo msebenzi ngoba babenazo izinkinga kodwa njalo uma eya kuRamaphosa wayemlalela, ewuseka umsebenzi wekhomishini.
“Bekumele ube ufakazi wokugcina njengomengameli kodwa kube nezinto ezishintshile, ngokomthetho kumele ngizamukele. Uhlelo lethu lona beluthe kuzogcina wena. Kunesicelo esibhalwe kahle esingaphambi kwami, kumele ngisibheke. Ngeke ke ngidalule ukuthi ubani lowo. Kukhona nezitatimende ezifungelwe ezingaphambi kwami ezicele ukuba ofakazi becacise okuthize. Ngijahe kabi ukuba ngilethe umbiko kuwena mengameli, sesiqedile nokuyoba isinqumo sakho ukuthi wenzani ngawo (umbiko),” kusho uZondo.