KUNGASE kubizwe omunye umngani kaSenzo Meyiwa, uMnuz Mthokozisi Thwala, ukuba aqale ubufakazi bakhe ecaleni kusasa uma selibuyela eNkantolo eNkulu eTshwane. UMeyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ngo-2014, ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eKurhuleni.
Bahlanu abamangalelwa abasebhokisini abashushiswa ngokubulawa kukaMeyiwa futhi bayawaphika wonke amacala. Abanye basejele badonsa izigwebo ezingahlangene nodaba lukaMeyiwa. Icala lokubulawa kukaMeyiwa kulindeleke ukuthi libe wundendende ngoba kwavela ukuthi bangaphezu kuka-100 ofakazi abazobizwa. Kusabizwe ofakazi abathathu kuphela kanti uzoba ngowesine ozongena kusasa.
UThwala ungomunye wababekhona endlini ngesikhathi kubulawa uMeyiwa. UMnuz Tumelo Madlala, omunye umngani kaMeyiwa, uphothule ubufakazi bakhe ngoLwesihlanu emuva kokuphekwa ngemibuzo enzima.
Ngesikhathi Isolezwe ngeSonto lihogela ngofakazi olandelayo, kuphume igama likaThwala. Umthombo uthe maningi amathuba okuthi kube nguyena.
“Ngicabanga ukuthi yilo mfana uMthokozisi ngoba uke wabonakala ngakoPitoli kanti ungumuntu waseThekwini, nokwenza ngibone ukuthi usesondelele ukufakaza,’’ kusho umthombo ongeke udalulwe.
UZandie Khumalo, ongomunye wababekhona endlini uke wabhala ku-Instagram wakhe ukuthi uMsombuluko wusuku olukhulu, esho nokuthi alukho usuku olungafiki. Lo mbhalo wenze kwanokusola ukuthi angase abe wufakazi olandelayo enkantolo kusasa. Uthunyelelwe umbuzo ngalokhu kodwa kwabuya impendulo ethi ubezibhalela izinhlamvu zengoma yokholo thizeni akuhlangene necala.
Iphephanda lidlulele kuChicco Thwala, onguyise kaLongwe Thwala. ULongwe ungomunye okuvelayo ukuthi wayekhona ngelanga lesigameko sokushona kukaMeyiwa. UChicco uthe indodana yakhe izoya ukuyofakaza kodwa hhayi ngoMsombuluko.
“Bamfonelile bemazisa ukuthi uzofakaza kodwa bangamnika usuku azoza ngalo, uma ezofakaza ngoMsombuluko ngabe siyazi manje,’’ kusho uThwala. Usho lokhu nje, kade evakashele umndeni kaMeyiwa kanti uthe ukwenze ngenhloso yokubabona nje, ezwe impilo.
Icala lisheshe laguqa ngoLwesihlanu ngesikhathi ummeli uMnuz Thimoty Thobane, ecela isikhathi sokubonana nabamangalelwa abhunge nabo athole imiyalelo. Kulindeleke ukuthi lingene kusasa, amehlo azobe ethe njo kulona.