KUNGASE kucace ngemuva kwenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa ebhekiswe esizweni, ukuthi zizokwenziwa nini izinguquko kwiKhabhinethi.
Lokhu kulandela ukufungiswa izolo kwamalungu amane amasha e-ANC ePhalamende kubalwa nePhini likaMengameli we-ANC, uMnuz Paul Mashatile.
USotswebhu we-ANC ePhalamende, uNksz Pemmy Majodina, uthe uRamaphosa umatasa nenkulumo azoyethula eyibhekise esizweni ngoLwesine.
“Umatasa nale nkulumo, ngemuva kwayo uzobe esekhipha umkhombandlela ngezithinta izinguquko kwiKhabhinethi. Okwamanje asilinde umengameli nguyena ozokwenza isimemezelo ngesikhathi esifanele.” Ukusho lokhu izolo emuva kokufungiswa kwala malungu nguSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula.
Amanye amalungu afungisiwe kubalwa nePhini Lesibili likaNobhala jikelele we-ANC uNksz Maropene Ramokgopa, nobengungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala noMnuz Parks Tau.
UMashatile okulindeleke ukuthi abe yiphini likamengameli wezwe emuva kokuveza kukaMnuz David Mabuza ukuthi unike uRamaphosa incwadi yokusula, ekhuluma ngemuva kokufunga uthe akazi ngokusula kukaMabuza.
Uthe incwadi akakayiboni wathi nomengameli akakabatsheli lutho bewubuholi obuphezulu be-ANC.
“Umengameli akakasho lutho ngokusula kukaMabuza. Ngazi ukuthi useyiphini likamengameli wezwe. Siyozwa ngomengameli uma esenza izinguquko. Okwamanje ngifungiswe ukuzosebenza ePhalamende, angiqali ukuzosebenza lapha,” kusho uMashatile.
UNksz Majodina uthe ukufungiswa kukaMashatile akusho ukuthi uzoba yiphini likamengameli wezwe.
“Ukuthi nijwayele ukubona indlela izinto ebezijwayele ukwenzeka ngayo akusho ukuthi kumele zihlale zenzeka kanjalo. UMabuza useyiphini likamengameli wezwe noma esekuvezile ukuthi uyafisa ukubeka phansi izintambo.”
Uthe uMabuza ubalule ukuthi ufuna ukudlulisa izintambo adedele uMashatile okhethwe ngoDisemba nyakenye, engqungqutheleni ye-ANC eyayiseNasrec ukuthi abe yiphini likamengameli.
“Ngiyakhuluma noMabuza kanti ukuvezile ukuthi ufuna ukushiya ngoba ubona ukuthi usewenzile umsebenzi wakhe ezweni.”
UNksz Majodina uthe akekho umholi asebazi ukuthi uzojutshelwa kusiphi isikhundla kodwa lesi sinqumo sizokwenziwa ngumengameli.