INDLELA ubugebengu osebudlobe ngayo kuleli, sebushiya imibuzo ukuthi abantu sebezomemeza bani asabele kuphi uma kunje. Izibalo zakamuva zobugebengu, ezethulwe wuNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, nethimba lakhe zenza kube nzima nokuvala amehlo umuntu alale.
UCele nezikhulu zamaphoyisa kuleli sonto bathule izibalo zobugebengu ePitoli, zifaka izigameko ezibikwe kusukela ngoJulayi kuya kuSepthemba nonyaka.
Abantu bakuleli basenkingeni, impela bakubona bakubeletha. Bazizwa bengaphephile ezweni labo bahamba bejeqeza, okuyinto okungafanele engabe iyenzeka. Bahamba bejeqeza nje kungenxa yabantu abafana nabo, hhayi izilwane. Njengoba kubhekwe emaholidini okuphela konyaka nje bayabikelwa abantu bakuleli ngoba izigebengu ziphuma umkhankaso zisho ukubaqeda.
Sekuyaziwa nje ukuthi njalo uma kuzokwethulwa izibalo, kuzovela izinto ezishaqisayo ezishiya abantu bakuleli benikina amakhanda. Kulokhu kucacile wukuthi isimo sibi, kufanele kube khona okwenziwayo ngendlela eyehlukile, kungenjalo izwe lizobuswa yizigebengu zizicanasele kungabi ndaba zalutho. Ukucanasa kwezigebengu kusho ukuhlukunyezwa kwamalungelo abantu bakuleli ashicilelwe kuMthethosisekelo wezwe.
Okushayisa amahloni wukwenyuka kwezinga lokubulawa kwabesifazane kuleli, okuyinto edla lubi futhi okungaziwa ukuthi izonqobeka kanjani. Kuvele ukuthi bangu-989 abesifazane ababulewe phakathi kukaJulayi noSepthemba 30 kuleli.
Abangu-1 277 baba ngabagilwa bobugebengu emacaleni okuzama ukubulala. Abangu-13 000 bashayiwe kabi, iningi labo bahlukunyezwa ngabasuke bethandana nabo.
Kuphinde kuvele ukuthi angu-10 000 amacala okudlwengulwa abikiwe, kukhona nezingane kwabadlwenguliwe. Konke lokhu kwenzeka ngesikhathi lapho izwe lethula khona umkhankaso wezinsuku ezingu-16 wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane waminyaka yonke.
UCele ubeke izinto ezimbalwa ezizwakale zinohlonze. Okokuqala, wukuthi ubona sengathi abantu bakuleli behlulekile bancama ukuvikela ababuthakathaka.
Okwesibili, wukuthi u-62% wezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane zenzeka lapho abahlala khona okufanele ngabe bazizwa bephephile.
Kucacile ukuthi akusekho ndawo lapho okungathiwa umuntu uphephile khona. UCele uveze ukuthi izikhungo zemfundo ziyizindawo zezigameko zokunukubezwa kwabesifazane nezingane. Okunye akuvezile, wukuthi amaphoyisa asekubeke eqhulwini ukusetshenzwa kobugebengu bokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Okunye okuvelile, wukuthi amaphoyisa ayawaphenya amacala awaphothule futhi abantu bagwetshwe ezinkantolo, kodwa abehli ubugebengu. Okuhle wukuthi uCele uvumile ukuthi kukhona lapho okufanele amaphoyisa alungise khona aqinise isandla. Ukhulume nangendaba yezibhamu ezibonakala zisebenza kakhulu ezigamekweni zobugebengu kuleli, uthe kufanele kube nomkhankaso wokuthi ziqoqwe kulabo abangafanelwe wukuziphatha.
Amaphoyisa ngeke akwazi ukulwa nobugebengu abunqobe ewodwa futhi lokhu kuhlala kushiwo ukuthi impi yobugebengu ngeyawo wonke umuntu. Isifundazwe iKwaZulu-Natal neWestern Cape ziphinde zavela ngokuthi ziyinkinga ngezinga eliphezulu lobugebengu. Isitatimende sikahulumeni waseKZN sikuvezile ukuthi kukhona ukukhathazeka ngesimo sobugebengu esifundazweni.
UNdunakulu waKwaZulu- Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube uyalele izinhlaka zezomthetho ukuba zithole ukuthi umonakalo ukuphi, bese kubhekwana nawo ngokushesha.
“Ngeke sivume ukuthi isifundazwe sethu siphenduke isizinda sokudlwengula nokubulala kuleli. Kufanele kube nohlelo lokubambisana phakathi kwabezomthetho nezinhlangano zomphakathi. Ngeke isifundazwe sethu sihambe phambili ngobugebengu, bese siyanethezeka nje, kufane nokuthi akwenzekenga lutho,’’ kusho uNkk Dube -Ncube.
I-DA ithi iyakuzwa konke lokhu kodwa kuwubufakazi bokuthi uCele kufanele akhonjwe indlela, ukuzeizinto zilunge. I-Action Society ibeke amaphuzu ambalwaekholwa wukuthiangasiza umbuthowamaphoyisa.
Ithe okokuqala,wukuthikucutshungulwekabanziabantuabasezikhundleni eziphezulu, bese kusefwa labo abangafanelwe ukuziphatha. Kuphenywe labo abathinteka enkohlakalweni, uma betholakala baxoshwe. Bathe bafuna kubuyiswe amathimba akhethekile emaphoyiseni, alwe nobugebengu. Baveze nokuthi obhongoza bobugebengu banobhululu emaphoyiseni futhi kufanele kulungiswe lokho.
I-Action Society iqhubekile yathi kufanele kuvuselelwe uhlelo lwamaphoyisa angamathwasa, alekelele. Bathinte nendaba yokuthi amaphoyisa kufanele aholelwe ngendlela efanele ukuze azinikele. Babona kufanele kwehlukaniswe amandla izifundazwe, zinikwe amandla okuziphathela amaphoyisa.
UMengameli we-Action SA uMnuz Herman Mashaba ukulabo abathi uCele kufanele akhonjwe indlela ngoba wehlulwe wumsebenzi.
Uthe ukube uCele wumuntu oneqiniso, bekufanele ehle esikhundleni njengoba ezisholo yena ukuthi wehlulekile wukuvikela abantu bakuleli. Uqhube wathi izwe limatasa libiza izingqungquthela zokubheka amaqhinga okulwa nobugebengu, okuyinto engasizi ngalutho ngoba izwe lintula uhulumeni owenza izinto ngendlela efanele.
Izwe lalapha linobudlelwano namazwe amaningi omhlaba futhi anezinga lobugebengu eliphansi amanye awo, kungaba kuhle ukuthi abaholi bakuleli bazinike isikhathi bathekele amacebo.
Abantu bakuleli babhekene nezinkinga eziningi, ukwentuleka imisebenzi nokukhuphuka kwezindleko zokuphila nobuphofu, manje bazithola bexakwe wubugebengu futhi.