UTHELA izithelo ezifundazweni ezehlukene kuleli, umkhankaso wamaphoyisa okuhloswe ngawo ukukhuculula ubugebengu owaziwa nge-Operation Shanela.
Lokhu kuvezwe okhomishana bamaphoyisa ezifundazweni esithangamini nabezindaba ebesisePitoli, izolo, obekuhloswe ngaso ukunekela izwe imiphumela yalo mkhankaso esikhathini esiwunyaka kusuka kuMeyi, wanyakenye.
Lesi sithangami besizimaziswe wuKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, uNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele nePhini lakhe uMnuz Cassel Mathale nokhomishana bezifundazwe obekukhona phakathi wabo noLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, obambe lesi sikhundla KwaZulu-Natal nezikhulu eMnyangweni wamaPhoyisa.
Bangu-616 423 abasolwa ababoshelwe amacala ehlukene kuzwelonke selokhu kuqale lo mkhankaso, kwavundululwa izibhamu ezingu-22 525.
Evula lesi sithangami, uCele uthe nakuba amaphoyisa esekhaleni lalo mkhankaso kodwa ukusebenzisana neminye imikhakha abalule kuyo i-South African National Defence Force, amaphoyisa akomasipala, uMnyango wezaseKhaya, uphiko oluqoqa intela kuleli i-South African Revenue Services, neminye iminyango kahulumeni yikhona okukwenze waqhutshwa ngempumelelo.
“Kulo mhlangano sihlose ukukhombisa izwe ukuthi kusukela kuqale lo mkhankaso ngonyaka odlule, amaphoyisa asalokhu ezinikele emsebenzini wokulwa nobugebengu. Iqhaza elibanjwe wumphakathi ukulwa nobugebengu liyakhula,” usho kanje.
UMkhwanazi uncome umsebenzi wamaphoyisa kulesi sifundazwe ngokuzinikela ekuvikeleni umphakathi, eqinisekisa ukuthi emigwaqweni okuhamba kuyo kungaba abasuke beya emisebenzini, nezingane eziya ezikoleni, baphephile.
“Kube nempumelelo kakhulu ukusebenza kwamaphoyisa KwaZulu-Natal, ikakhulu uma ubheka izigameko ezenzekile kubalwa kuzo ezokudutshulwa kwabantu behleli ndawonye noma izigameko lapho uthola khona ukuthi sekunomgilwa obulewe. Baningi asebeboshiwe ezigamekweni ezifuze lezi. Ukwenza isibonelo esigamekweni esenzeka ePlessislaer (eMgungundlovu) lapho kwabulawa khona abawu-10 bendawonye, nesaseMlaza lapho kwabulawa abayisithupha,” kusho uMkhwanazi.
UKhomishana wamaPhoyisa eGauteng, uLieutenant General Tommy Mthombeni, uqinisekise ukuthi ngempelasonto edlule nje kuphela, bangu- 940 ababoshwe kulesi sifundazwe, wancoma ukusebenza kwamaphoyisa. Bangu-51 557 kuzwelonke ababoshelwe ukutholakala nezidakamizwa kulo mkhankaso, okuyisibalo esiphezulu kunawo wonke amacala asohlwini lababoshiwe ngesikhathi sawo umkhankaso.