UKUQOKWA kobuholi obusha bebhodi lenkampani ephehla amandla kagesi u-Eskom, ngenye yezinto ezibe nomthelela omuhle ekushabalaliseni uhlelo lokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwokunga kuleli.
Lokhu kudalulwe izolo nguNgqongqoshe woMnyango kaGesi naMandla uDkt Kgosientsho Ramokgopa, esithangamini nabezindaba eFree State. URamokgopa ubenekela abezindaba ngezinhlelo namaqhinga asetshenziswa yile nkampani njengoba bekuwusuku luka-201 uhlelo lokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga lamiswa.
Leli bhodi elisha laqokwa nguMengameli kuleli uMnuz Cyril Ramaphosa ngo-Okthoba 2022, kanti uRamokgopa uthe amagalelo alo nokusebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi izinga lokuphakelwa kwamandla kagesi kuleli liya ngokuba ngcono, kuyabonakala.
“Bakhombisile ukuthi bayayazi into abayenzayo ngokuqinisekisa ukusebenzisa ulwazi abanalo ukuze kusizakale izakhamizi zakuleli. Uma kukhona izinselelo, bahlale bekhona ukusilekelela,” usho kanje uDkt Ramokgopa.
Kuvele ukuthi ugesi omosheka ngokungahleliwe ubengu-25% phakathi kuka-Ephreli 1, 2024 no-Okthoba, 10, 2024. Abakwa-Eskom bathi lokhu kwenze ngcono isimo ngo-34.03% uma kuqhathaniswa ngesikhathi esifanayo nyakenye. Kuthiwa ukwehla kokulahleka kukagesi kulekelela ngo- 8,6% ekuphuculeni isimo sokuphakelwa kwamandla kagesi.
URamokqopa uthe ngu-5 521MW wamandla kagesi ahlelelwe ukulungiswa kwengqalasizinda kagesi ngoba kungene ihlobo nokuqinisekisa ukuthi iziphehlimandla zikagesi zisebenza kahle uma sekungena ubusika ngonyaka ozayo nangale kwabo.
Amandla kagesi ami ku-63,1% phakathi kuka-Ephreli 1, 2024 no-Okthoba 10, 2024 okuthiwa akhule ngo- 7,7% uma ukuqhathanisa nangesikhathi esifanayo ngonyaka odlule lapho abengu- 55,4%.
Uma kubhekwa amandla kagesi isonto nesonto, le nkampani iveze ukuthi angu-60.0%, akhuphuke ngo-3,6% uma kuqhathaniswa namasonto okuqala alonyaka wezimali.