LUVEZE obala izinkinga abafundi bakaGrade 4 ababhekene nazo, ucwaningo oluqhathanisa abafundi bamazwe ahlukene emhlabeni njengoba u-81% wabafunda leli banga kuleli, bengakuqondi abakufundayo.
U-19% kuphela oqonda okufundwayo.
Lokhu kuvezwe wucwaningo i-Progress in International Reading Literacy Study (PIRLS 2021), oluhlole abafundi abangu-12,426 emhlabeni.
Kulolu cwaningo kuvele ukuthi abafundi bakuleli bathole amaphuzu angu-288 ekubeni abakwamanye amazwe bethole u-500 wamaphuzu.
Okukhathaze kakhulu ngukuthi liyehla izinga lokufunda kubafundi bakuleli njengoba ocwanigweni olufanayo lwango-2016, u-78% wabafundi bakaGrade 4, ababengakuqondi abakufundayo.
Ekhuluma ngesikhathi kudedelwa umbiko walolu cwaningo ngoLwesibili, ePitoli, uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, ukhale ngezikole zamabanga aphansi ukuthi ziyishaya indiva eyokucija abafundi ukuthi baqonde abakufundayo.
UNkk Motshekga ukhale ngobhubhane iCovid-19, ukuthi lengeze ezinkingeni kwezemfundo.
“Nakuba linyuka izinga lokuphasa u-matric kodwa kudingeka kugxilwe emabangeni aphansi ukuze kubhekwane nenkinga yokuthi abafundi abakuqondi abakufundayo. Uhlelo lwethu lwezemfundo lusabhekene nezingqinamba ezibhebhezelwe yiCovid-19.
“Sisagxile ekutheni abafundi bakwazi ukuveteza kahle ulimi kodwa abakuqondi okusuke kubhaliwe. Lokhu akusisizi uma sekuziwa ocwaningweni oluthinta amanye amazwe. Noma kubalulekile ukuthi abafundi bakwazi ukucikoza kahle ulimi kodwa nokuqonda okubhaliwe kubalulekile.”
Uthe ezinye zezinselelo ezibhekene nezemfundo zindala njengoba zithinta ingqalasizinda, indlala nezinye.
Uqhube wathi umbiko walolu cwaningo uzobasiza ekutheni baphucule uhlelo lokufunda emabangeni aphansi.
Abacwaningi baveze ukuthi emazweni angu-21 kwangu-32, ehlile amahora okufunda ngenxa yeCovid-19.
Baveze ukuthi amazwe okubalwa iSingapore, Hong Kong, Russia, England neFinland, abafundi bawo benze kahle.
Kuleli abafundi abahlolwa ngesiNgisi kanjalo nesiBhunu benza kahle kakhulu kunalabo abahlolwa ngezilimi zesintu.
Abafundi baseWestern Cape, Gauteng neKwaZulu-Natal, benza kahle uma ubaqhathanisa nezinye izifundazwe.
USolwazi Nic Spaull weNyuvesi iStellenbosch, uthe lolu cwaningo lubuyisele emuva izwe ngeminyaka eyishumi.
Uthe alukho uhlelo olucacile lokubuyisa isikhathi esilahlekile.
I-Action SA izwakalise ukukhathazeka ngalo mbiko, yathi abafundi abaningi abangaqondi abamnyama.
Ithe kunokungalingani kwezemfundo njengoba abakhuluma isiNgisi nesiBhunu benza kahle.