ZIMI ngomumo izinhlelo zokukhumbula impi yaseSandlwana eNquthu ngonyaka ozayo. Lokhu kuvele ngesikhathi oMasipala besiFunda, uMzinyathi okubalwa kubo iNquthu, neNdumeni behlangane nabaNtwana baseNdlunkulu izolo, ngenhloso yokuhlela ngoMkhosi waseSandlwana.
Kulo mhlangano obukuMasipala wesiFunda uMzinyathi, abantwana baveze ukuthi isikhumbuzo sempi yaseSandlwana sizokuba ngoJanuwari 22, 2025 okuwusuku uZulu anqoba ngalo amaNgisi, okuwuLwesithathu hhayi impelasonto njengokomyalelo weNgonyama.
Abantwana baseNdlunkulu bathi nakulesi sikhumbuzo izoba khona imicimbi eyandulela uMkhosi omkhulu njengenhlalayenza, njengoba kuzoqala eShiyane Rorkes Drift, ngaphambi kokuba kudlulelwe eSandlwana.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, amabutho azohlala izinsuku ezinhlanu eSandlwana, elungiselela umkhosi omkhulu.
Imeya yesiFunda uMzinyathi, uMnuz Petros Ngubane, ithe njengoba okaNdaba esememezile akusekho ukuhlehlela emuva zonke izinhlelo sezimi ngomumo, kubhekwe umhlaka-22 Januwari, 2025.
"Ngokwezinhlelo zomasipala bethu simi ngomumo. Sizoqala eShiyane, sidlulele eSandlwana. Umlando waseShiyane ubalulekile ukuba abantu bawazi ngoba naseShiyane, kunokhokho bethu abaphelela khona, " kusho uNgubane.
Ngokwesitatimende abantu bazolokhu baziswa ngokuqhubeka kwesikhathi ngezinhlelo ezikhona zezokuthutha ezindaweni zamakhosi esifunda soMzinyathi.