BONISWA MOHALE
KUGQUGQUZELWA abazali ukuthi baphuthume bafune usizo lwezempilo uma besola ukuthi izingane zabo, zine-Attention Deficit Hyperactivity Disorder (ADHD).
Lokhu kuvela ngemuva kokuthi inhlangano esiza abadinga usizo lwezengqondo, ezomphefumulo nokukhwantalala, iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag), beqaphela ukuthi ziphathwa kabi izingane ezine-ADHD.
Inhlangano ihlele isithangami sokucobelelana ngolwazi ngenhloso yokusiza abazali, nothisha abanezingane ezine-ADHD.
UNksz Claire Tobin, oyiPsychometrist eGoldilocks & the Bear Foundation, okuyinhlangano esiza izingane ezine-ADHD ezindaweni zabampofu, uthe lukhona usizo lokweluleka izingane ezine-ADHD ukuba ziphile kahle.
“Ingane ene-ADHD ibonakala ngokuthi ihlale imatasa futhi ayivamisile ukuthula, ihlale yenza umsindo. Ayihlaliseki futhi inokwenza izinto ezingamukelekile. Ayikwazi ukunaka into eyodwa ivamise ukukhohlwa, ingakhumbuli ngisho into esanda kutshelwa yona. Kufanele lezi zimpawu zibe khona isikhathi esidlula izinyanga eziyisithupha,” kusho uNksz Tobin.
Uthe inhlangano ihlola izingane ezisolwa ngokuba ne-ADHD, izithumele kodokotela abafanele noma iyalele abazali ukuba bazise ezibhedlela ezinodokotela, abakwazi ukuhlola lesi sifo.
UNksz Tawnie Voges, obhekelele ukusebenza kweGoldilocks & the Bear Foundation, uthe kumele abazali bezingane ezine-ADHD bangakuvumeli ukuba zibukelwe phansi noma ukubizwa ngamagama ayiziswana.
“Sithola abantu bebiza izingane ezine-ADHD ngamagama ayiziswana, beziphoxa bethi ziyaqina. Kufanele abazali bazo bachaze ukuthi zine-ADHD futhi akufanele kushiwo amagama ayiziswana kuzo. Kufanele zikhonjiswe uthando, zitshelwe ukuthi zibalulekile ukuze zibe nokuzethemba. Ucwaningo luthi uma ziphoxeka izingane ezine-ADHD ziba nokungazethembi,” kuchaza uNksz Voges.
Uqhube wathi i-ADHD iyakwazi ukubhekelelwa ukuthi ingabi yimbi kakhulu ukuze onayo akwazi ukuphila kahle.
“Uma ingane ine-ADHD kufanele iyiswe kodokotela abafanele abazoyixilonga bese beyisiza ngamakhono nemithi ezoyisiza ukuba iphile kahle. Abazali kufanele bazichazele izingane ukuthi zine-ADHD, ukuze zingaxakeki ukuthi kungani zona ziziphethe ngendlela engafani neyozakwabo,” kusho uNksz Voges.
Uthe nothisha kufanele babe nesineke uma bechaza umsebenzi okufanele wenziwe ekilasini ukuze izingane ezine-ADHD zingasaleli emuva.
Ugqugquzele ukuthi zinikezwe ikhefu phakathi nomsebenzi wesikole ngoba ukuhlala ndawonye kwenza ingqondo yazo izulazule, inganaki lokho okufundwayo. Ucele abazali ukuthi bangazibukisi ithelevishini kakhulu.
“Ingane eneminyaka emithathu kuya kweyisithupha kufanele ibuke ithelevishini amanithi awu-30, eneminyaka eyisithupha kuya kwewu-12 iyibuke amanithi awu-60, bese eneminyaka ewu-13 kuya kwewu-18 iyibuke amanithi awu-90,” kweluleka uNksz Voges.
ISadag igqugquzele abazali abadinga usizo ngezingane zabo ngezifo ezihlukene zengqondo ukuba bashayele kule nombolo : 0800 21 22 23 ukuze bathole usizo olufanele, mahhala. Bangabheka nakwinkundla yezobuchwephese; www.sadag.org