KUPHOQELEKE ukuthi othisha babaphindisele emakhaya abafundi kutholakala izinhlamvu zesibhamu esangweni lesikole iMangeni High eHlakazi, eNquthu, ngoLwesithathu ekuseni.
Ngokusho kokhulumela isigungu esilawula lesi sikole, uNksz Sindi Ntshangase, othisha babone kufanele ukuthi izingane baziphindisele emakhaya ngoba besaba, emva kokutholakala kwezinhlamvu zesibhamu ebezigoqwe ngephepha.
“Kulezo nhlamvu zesibhamu kutholakale nepheshana elinomyalezo onqumela ugwayi katiki othisha abagagulwe ngamagama, ukuthi bashiye umsebenzi esikoleni. Lokhu kwenze othisha bashaqeka kakhulu ngoba akwaziwa ukuthi lezi zinsongo ziqhamuka kubani futhi nganhlosoni,” kuchaza uNksz Ntshangase.
Uthe lokhu sekuqubule ukukhathazeka nokwesaba okukhulu kothisha, ikakhulu abathathu okuvele amagama abo epheshaneni, besatshiswa ngokuthi bayeke ukusebenza ngoba sekuke kwaba nesigameko lapho kuhlaselwe khona ababili babo, emqashweni abahlala kuwona.
“Besisababaza khona lokho kokuthi bangenelwe ezindlini abaqashe kuzona, eduze nesikole, basatshiswa ngabantu abangaziwa baze babaphuca namaselula abo. Nakhu manje sekwenzeka lokhu futhi. Nakho okubonakala sengathi kuqondiswe kubona ngqo,” kuchaza uNksz Ntshangase.
Uqinisekise ukuthi amaphoyisa afikile esikoleni ukuzophenya mayelana nezinhlamvu zesibhamu. Uveze nokuthi namhlanje kuhlelwe umhlangano womphakathi obizwe wuthishomkhulu, ukuzobonisana ngesixazululo sale nkinga, ukuze kuqhubeke ukufunda ngendlela ejwayelekile.
Kuthintwa omunye wothisha bakhona esikoleni, wale waphetha ukudalula imininingwane ephelele ngalolu daba, wacela ukuthi kuxhunyanwe naboMnyango wezeMfundo okuyibona abavumeleke ukukhuluma nabezindaba.
Kuthintwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe kuyabakhathaza ukuthi kunabantu abenza ubugebengu ngale ndlela yokuthi kugcine kuphazamiseka ukufunda kwezingane ezikoleni.
"Yinkinga enkulu le futhi ezodinga ukuthi kusetshenzwe kanzima ukuze isimo sibuyele kwesejwayelekile," kusho uMahlambi.