USEMBHIDLANGWENI wokuvuselela amahholo omphakathi asephenduke izidleke zamaphara nokulungisa imigwaqo engenela ezindaweni ezisemakhaya uMasipala waseMnambithi, i-Alfred Duma.
IMeya yalo masipala, uMnuz Zama Sibisi, ithe lezi zinhlelo zombili ziseqhulwini kubona ngoba zithinta inhlalakahle yomphakathi abawusebenzelayo.
Mayelana nohlelo lokulungiswa kwamahholo, uthe bazibophezele ekutheni bawalungise wonke.
Uthe maningi asebevele bewalungisile ukuze aqale phansi abuyele esimeni esejwayelekile aphinde futhi asetshenziswe umphakathi ngendlela efanele.
Uthe amahholo alungiswe ngendlela eseqophelweni eliphezulu asezokwazi nokuthi asetshenziselwe imicimbi emikhulu yomphakathi okubalwa kuyona imishado.
Uhlube udlubu ekhasini nangohlelo aluchaze njengoluhlabahlosile kakhulu lokulungiswa kwemigwaqo engena ezindaweni ezisemakhaya.
Inhlosongqangi yalolu hlelo uthe ukuqinisekisa ukuthi abantu bakule ndawo abazitholi behlupheka uma kumele beze emakhaya.
Uthe okubakhathazayo nabangafuni ukuthi kwenzeke ukubona izithuthi zibabeka kude nasemakhaya abantu ngenxa yenkinga yemigwaqo engenela emakhaya engekho esimeni.
"Kuyimanje simatasa silungisa yonke leyo migwaqo ngoba siyaqonda ukuthi lokho kubaluleke kangakanani kubantu bakule ndawo,'' usho kanjena.
Uthembise ukuthi lezi zinhlelo zombili zokulungiswa kwemigwaqo namahholo zizosabalala kuwona wonke ama-ward angu-37 akulo masipala.