UMPHAKATHI waKwaNongoma usuzobuzwa ngendaba ubunzima bokukhahlamezeka kwemigwaqo uma kuhlasele izikhukhula njengoba umasipala wakule ndawo usunogandaganda ozobhekana ngqo nezinkinga zokuguguleka komhlabathi.
Ukuguquka kwesimo sezulu kule ndawo yikhona okuholela ekutheni kube nezikhukhula ezinamandla, ezihambisana neziphepho eziyingozi.
Izimvula ezinamandla zivamise ukushiya kukhalwa ngenxa yokukhahlamezeka komphakathi.
Umasipala wendawo usuphendule ngokufaka enye yemali yawo ukuze kulungiswe imigwaqo ecekelwe phansi imvula enamandla.
IMeya yaKwaNongoma, uMnuz Albert Mngcwango, ithe uvalo ebebenalo ngesimo sezulu esikhahlameza amalungu omphakathi uma lina yilo oluholele ekutheni baphuthumise ukuthengwa kukagandaganda.
"Yonke iminyaka besisebenzisa ugandaganda owodwa, obugcina ungakwazi ukufeza izidingo zomphakathi. Njengoba sazi ukuthi ukuguquka kwesimo sezulu kuvamise ukulimaza imigwaqo, siyathemba ukuthi umshini esiwuthengile uzokwazi ukulekelela kulezi zinkinga. Silindele ukuthi uma kuqala uJulayi sithenge omunye ugandaganda ozokwenza ukuthi kube lula ukufeza izidingo zomphakathi," kusho uMncwango.