LINGASE lihlehle futhi icala lenkohlakalo elethweswe owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, obuyela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
UZuma uhamba icala lenkohlakalo yokuthengwa kwezikhali kanti waqala ukwethweswa lona ngo-2005, labuye lahoxiswa. Kusho ukuthi kuzophela iminyaka ewu-18 icala lingaphothulwa.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo osondelene necala ukuthi abameli bakaZuma bazocela udaba luhlehle kusasa. Umthombo uthe ithimba labameli bakaZuma, basifake kabusha isicelo sokuthi umshushisi u-Advocate Billy Downer SC, ahoxe.
“Bazocela ukuthi icala lihlehlele cishe ku-Agasti kanje, angithi kukhona lolu daba lokususwa kukaDowner abasaqhubeka nalo. Ngeke likwazi icala ukuqhubeka ngoba lixhumene nesicelo sokususwa kukaDowner,’’ kusho umthombo owazi ukusuka nokuhlala kodaba.
Umthombo uthe kulindeleke ukuthi icala lihlale isikhathi esincane bese lihlehla ngoba akukho okutheni okuzodingidwa. UZuma umangalele uDowner nentatheli okumanje bashushiswa ngokuzimela. UZuma usola uDowner ngokuputshuzela intatheli imininingwane yakhe yezempilo.
Phambilini uZuma wafaka isicelo sokuthi uDowner asuswe kodwa sachithwa, usesibuyise kabusha manje umi ngokuthi uDowner ngeke akwazi ukushushisa ebe ehamba icala naye.
Okhulumela iJacob Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi akaphikanga futhi akavumanga eyesicelo sokuhlehliswa kwecala kodwa uthe kungakuhle kulindwe usuku lwakusasa. Kwenzeka konke lokhu nje udaba lukaZuma seluzolalelwa yiJaji Nkosinathi Chili, emuva kokuthi iJaji Piet Koen licele ukuhoxa.
IJaji uKoen lahoxa libeka izizathu zokuthi ngeke kusaba nobulungiswa uma liqhubeka necala.