INKAMPANI ekhiqiza iSmirnoff nezinye izinhlobo zotshwala, iDiageo, isiveze ukuthi ilahlekelwa imali ecela kuR10 million ngotshwala obuwumbombayi.
Le nkampani iveze ukuthi njalo ezinyangeni ezintathu ihlakelwa nguR2.4 million, ngenxa yokukhiqizwa kwalobu tshwala.
Lokhu kuvezwe uMnuz Bongani Buthelezi oyiBrand Protection Manager yakwaDiageo ophikweni oluseSiphingo eThekwini ngoLwesihlanu, ngesikhathi ememezela ukuthi bazohambela izindawo ezingaphezu kuka-60, beqwashisa ngalobu tshwala obungafanele.
Uthe bazobuye bahambele nezindawo zokucima ukoma ezingu-50, beshumayela ivangeli elifanayo.
“Sizofundisa amakhasimende ethu ngotshwala bomgunyathi. Inhloso yethu ukuqwashisa ngobungozi bokuphuza lobu tshwala obuyingozi,” kusho uButhelezi.
Uthe okubuhlungu kunakho konke ukuthi abantu bayafa, bebulawa utshwala bomgunyathi.
“Iqophelo labo lisuke lingekho ezingeni elifanele ngoba izithako abazifaka phakathi bazifaka kuze kweqe kanti zibuye zibe yingozi.”
Unxuse abantu ukuthi uma bebona ukuthi kukhona okubukeka kushaya amanzi, babazise ukuze bezokwazi ukuyobulanda lobo tshwala obusolilsayo, babuhlole bese bethatha izinyathelo.
Enza isibonelo uthe kuningi okuba yizimpawu zokuthi utshwala buwumgunyathi.
“Amabhodlela otshwala bomgunyathi afa kalula. Kuyenzeka sithole izikhalo lapho okuthiwa afile, uma sifika silithatha, silihlola, sithole ukuthi akulona elethu,” kuxwayisa uButhelezi.
Uthe ezinye zezimpawu zokuthi kukhona okushaya amanzi ngotshwala obuthile kuyenzela kube intengo ephansi kakhulu obudayiswa ngayo, kube indawo lapho buthengwa khona, indlela uketshezi olubukeka ngayo, izivalo zakhona kanjalo nelebuli yabo.
Wexwayise ngokuthi uma ubuthenga kudinga ubukisise zonke lezi zinto.