KUKHUZWA abazali ukuba bayeke ukuqoqa inqwaba yotshwala bukakhisimusi bengakazithengi izimpahla zesikole.
Lokhu kuvele emcimbini wokubungaza izinsuku ezingu-16 zokulwa nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane obuseMakhasa, eHluhluwe.
IMeya kamasipala iBig 5 Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo uthe iyabakhathaza lento yokuthi njalo ngalesi sikhathi abazali bagcwala amatekisi baye emabhishi abanye bayohlukanisa izitokofela zotshwala kodwa bakhohlwe ukuthengela izingane izimpahla zesikole.
"Kulo nyaka ngithi ngaphambi kokuba uye otshwaleni noma ebhishi, qala uyothengela izingane izimpahla zesikole ukuze kungabinenkinga uma sekuvulwa izikole," kusho iMeya uKhumalo.
Kulo mcimbi kukhuzwe abazali nangendaba yokuphuza budedengu bese Belwa phambi kwezingane noma babenqunu phambi kwazo ngoba lokho kuzilimaza ingqondo.
UNksz Hloniphile Mhlongo wenhlangano iGirl Guide, uthe ezikoleni eziningi babhekana nezingane ezinodlame nezikhuluma izinto ezithusayo ngenxa yezimo eziphuma kuzo emakhaya.
"Ingane igcina isinodlame esikoleni ihlukumeze ezinye. Lokho kugcina kuholela ekutheni ixoshwe esikoleni. Uma usulandelela uyathola ukuthi le ngane ihlukumezekile ngoba abazali baphuza phambi kwayo, bashayane phambi kwayo, benzene imikhuba phambi kwayo. Lokho kuyawulimaza umqondo wengane," kusho uNksz Mhlongo.
Amaphoyisa nawo akhale kakhulu ngokuziphatha kwabazali ikakhulukazi abesifazane abadayisa ngezingane zabo ezisuke sezidlwenguliwe.
UConstable Bravo Mngomezulu waseHluhluwe uthe abazali bancamela ukuthatha izimbuzi okuthiwa kuhlawulwa ngazo ukudlwengulwa kwengane bese besula amacala.
"Ingane uyithemba layo kodwa wena udayisa ngayo uthathe imali naleyo mbuzi yokuba ufihle ihlazo lokuthi idlwenguliwe. Ngithi engikushoyo nje sicela abahlengikazi emitholampilo uma kunengane ekhulelwe ,basibize sibophe lamakhehla agile imikhuba ezinganeni ngoba zikhuleliswa abantu abadala kunazo abangaba omkhulu nobaba," kusho uMngomezulu.