KUKHUZWA abazali ukuthi bangaziyekeleli izingane ziqale ukuphuza utshwala ngoKhisimusi nangoNcibijane ngoba nakhu kuthiwa ziyazijabulisa.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane.
UNksz Simelane uthe kuqala ngale ndlela ukubumbeka komuntu ophuza kakhulu, ekugcineni bese kuba wumzali okhala ngengane yakhe emhluphayo uma isidakwe utshwala.
“Kusuke kunguyena umzali obekade eyeka ingane iseneminyaka engu-12 noma-13 ingene notshwala endlini, kuthiwe uKhisimusi kulungile ivumelekile iphuze,” kusho uNksz Simelane.
Uthe utshwala buyohlezi buwutshwala, akukhathaleki ukuthi ubuphuza ngasiphi isikhathi.Ube esekhuthaza abazali ukuthi bahlale bezigadile izingane.
“Abazali abazivikele izingane ngoba zisuke zisencane zona, azikwazi ukuhlukanisa into elungile nengalungile. Umzali akafundise ingane yakhe indlela elungile yokuphila,” kusho ungqongqoshe.
Uphinde wathi abazali abangayekeleli umsebenzi wabo wokukhulisa ingane ngendlela efanelekile ezandleni zabanye abantu.UNksz Simelane uthe abanye abazali bavele babuze ukuthi njengoba izingane zidakwa kangaka, uhulumeni ukuphi?
“Wena ukuphi mzali? Ngoba phela wumsebenzi wakho. Akumele bathathe umsebenzi wabo wokuba ngabazali bawunikeze uhulumeni.
“Abazali abahlukane nokuyekelela izingane ziphuze utshwala ngoba nakhu kuthiwa uKhisimusi,” kusho ungqongqoshe.
Kukhuthazwe abantu ukuthi bajabule ngokuzithiba bazazi ukuthi bafunani empilweni.
Ungqongqoshe uveze ukuthi kuyabakhathaza ukuthi izibhedlela zivamise ukugcwala abantu abasuke belimazene uma sebephuze utshwala ngamaholidi okuphela konyaka.
Kuthiwa kugcwala nabantu abasuke belimale ezingozini zomgwaqo ezenziwa ngabashayeli abavele bacabange imoto uma sebecwile ezinkambeni zikaFaro.