BAPHUME bagcwala izitaladi bekhuza ukucwaswa kwabathandana nobulili obufanayo bathi basabhekene nezinkinga eziningi uma bezama ukuthola usizo lwezempilo.
Lokhu bakusho emkhankasweni obungoMgqibelo, obuhlelwe wuMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, ubambisene nenhlangano elwela amalungelo abantu abathandana nobulili obufanayo, Ubunye beVryheid LGBTQI+.
Lo mkhankaso ubuhambisana nomviliyelo obusuka eMason Park, ubabele ezinkundleni zemidlalo eBhekuzulu, eVryheid.
Usihlalo wenhlangano i-Ubunye be-Vryheid LGBTQI+, UMnuz Scelo Khanyile, uthe bavamile ukuhlangabezana nezinkinga uma bevakashela imitholampilo noma izibhedlela.
“Sizizwa singamukelekile emphakathini futhi akugcini lapho ngoba ngisho sivakashela emtholampilo asilutholi usizo olufana nolwabanye abantu.
“Kwesinye isikhathi, kuyenzeka ufike emtholampilo uze uhambe ungalutholanga usizo ngoba bakubuka njengohlukile kunabanye, kanti lokho kusiphatha kabuhlungu ngoba uma uzwa ukuthi umuntu ungumhlengikazi uyaye ulindele ukuthi ufundisekile,” kuchaza uKhanyile.
Uveze nokuthi usanda kuhlaselwa ngabantu angabazi ezihambela emgwaqweni, okwathi uma eyobika emaphoyiseni alushaya indiva udaba lwakhe.
“Ngisanda kujahwa nokuthukwa ngabantu engingabazi, ngathi uma ngiya kobika emaphoyiseni awazange afune ngisho ukululalela udaba. Kunalokho angibuza ukuthi ngibuphethe yini ubufakazi? Ngagcina ngihamba ngingalutholanga usizo,” kuchaza yena.
UMnuz Musa Zama waseVryheid, uthe iningi labathandana nobulili obufanayo lisabhekene nokucwaswa uma kuza ekutholeni izinsiza zokunakekelwa kwezempilo.
“Kunzima ukuthola izinsiza zokusiza ocansini oluphephile njengamakhondomu ngoba akulula ukukhuluma uma sifika emtholampilo, sibona engathi bayasahlulela,” kubeka uZama.
Uthe enye yezinkinga ababhekene nazo, abazali abangafuni ukwamukela izingane zabo ngoba zithandana nobulili obufanayo, okuba yimbangela yokuthi ezinye ziphethe ngokuzibulala.
Uthe uyafisa ukuphila emphakathini okhululekile ophatha wonke umuntu ngendlela elinganayo.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, uthe umnyango uzimisele ukushintsha lesi simo sokucwaswa kwabathandana nobulili obufanayo.
“Inhloso yethu ukukhombisa umphakathi ukuthi abathandana nobulili obufanayo bakhona futhi sifuna ukuxwayisa nokwazisa umphakathi ukuthi bayefana nawo wonke umuntu, namalungelo abo ngokunjalo ayefana.
“Ukuthandana nobulili obufanayo akubenzi izilwane futhi kufanele sibaphathe ngendlela efanayo,” kuchaza uNksz Simelane.
Uqhube wathi uMnyango wezeMpilo unezinhlelo zokwenza impilo ibelula kulaba abathandana nobulili obufanayo.
“Uma befika emtholampilo nasezibhedlela abavamile ukuphatheka kahle. Babuzwa imibuzo eminingi, eminye yehlisa isithunzi nenganasidingo. Lokhu kwenza ukuthi noma bedinga usizo bagcine sebengasayi ezindaweni zezempilo.
“Umnyango uyazibophezela ukubeka izidingo zabo emqoka futhi baphathwe ngendlela elingana neyawo wonke umuntu,” kuphetha uNksz Simelane.