Isikhathi esiphila kusona manje sidinga ukuthi usebenzise izinkundla zokuxhumana ngendlela efanele ukusabalalisa kalula umsebenzi owenzayo nokukhulisa igama lakho ebantwini.
Lelo yiphuzu eligcizelelwe yingxenye yezikhulumi ezicobelele izihambeli, oningi lazo bekungabantu abasha abebehambele i-Industry Chats, umcimbi wokucobelana ngolwazi lwemikhakha eyamene nezobuchwepheshe obuseBoston Media House, eThekwini ngoLwesithathu.
Esinye sezikhulumi zosuku uMnuz Brooklyn Masuku, i-Commercial Digital Officer yeGagasi FM, uthe izinkundla zokuxhumana ziyindlela elula futhi esheshayo yokwenza imali inkani nje uma uzisebenzisa ngendlela efanele.
“Loko ngikwazi ngami ngoba ngisebenza ngazo ukuphila. Esikhathini samanje cishe wonke umuntu uhlale esocingweni lwakhe, ngakho kusemqoka ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ikakhulu uFacebook, ngoba awumbi eqolo futhi kulula ukuwusebenzisa, ukwenza inzuzo futhi ukhulise igama lakho noma elomsebenzi owenzayo,” kusho uMasuku.
UMnuz Mnqobi Mthethwa weMagaga Media & Communications ebihlele umcimbi, yena uthe izikhathi zishintshile ngakho indlela obekwenziwa izinto ngayo kudala ngeke isafana neyamanje.
“Kubalulekile ukuhambisana nesikhathi, ubheke indlela okwenziwa izinto ngayo ukuze ungasaleli ngemuva kwabanye. Njengathi esihlela imicimbi, ekuqaleni ubuphoqeka ukusebenzisa imali eningi ukuhlela yonke into, kodwa manje sekulula ngoba okuningi sesikwenza ngezinkundla zokuxhumana, indlela esizayo ukwedlulisa umyalezo futhi wonke imali,” kucebisa uMthethwa.
UNksz Skhulile Vumase wophiko lokumaketha eCebolethu Group, yena ucebise abafuna ukuqala amabhizinisi ukuqikelela ukuqhamuka nezindlela ezihlukile, kuthi uma kungawezinto ezijwayelekile, kube khona inkinga abayixazululayo ngawo.
“Abenze abantu bafise ukusebenza nabo ngokubeka amakhasimende abo phambili, bazibambele mathupha emabhizinisini abo ukuze babone uma kukhona okungahambi kahle, bakwazi ukukulungisa ngokushesha,” usho kanje.
Ezinye izikhulumi zosuku bekungumlingisi uNksz Londiwe Cele, umsakazi weGagasi FM uNksz Lwandle Masoka ne-music plugger uNksz Nokwanda Mkhize.
Uhlelo lomcimbi beluphethwe wuNksz Olwethu Sokhulu weMinemhlophe Brands, nayo ebiyingxenye yabahleli bomcimbi.