UKUNGAFELI ngaphakathi ngezinkinga ababhekene nazo nentshisekelo yokwenza kahle empilweni, ngezinye zezinto okukhuthazwe abantu besifazane nentsha ukuthi bazenze, emcimbini i-Empowered Girl Seminar, e-iTrump ABM Unit, obuse eThekwini izolo.
UNksz Fikile Simelane weSiyaphila Manje Foundation, ebihlele umcimbi, ibambisene nenhlangano iSiyanakekela, uthe ngawo bebefuna ukuhlanganisa abantu besifazane nentsha, ukubakhuthaza ukwenza kahle empilweni.
“Lokho sikwenze ngoba ziningi izimo ezibhekana nentsha nabantu abasha, eziholela ekutheni bangayi phambili nempilo yabo, ngakho bekusemqoka ukuthi sibe la namuhla ukuzolwa nalokho ngezinkulumo ezakhayo, kusho uNksz Simelane.
UNksz Phumla Ngubane, umbhali ongumeluleki wezengqondo, ukhuthaze ukuthi abantu bakhuthalele ukukhuluma ngokubahluphayo ukuze basizakale.
“Siphila esikhathini lapho abantu bengakwazi ukuya phambili nempilo ngenxa yendlela abakhule ngayo nezimo ababhekana nazo empilweni. Ngakho ngikhuthaza ukuthi nizejwayeze ukubhobobha ngokunihluphayo,” kukhuthaza uNksz Ngubane.
UNksz Siphesihle Masikane, umbhali wencwadi ethi My Scars Were Too Late, uthe noma ngabe uzalwe ngaphansi kwasiphi isimo, kodwa kufanele uphile ngomqhondo wokuthi ukuzalwa kwakho akubanga yiphutha, ukuze uye phambili nempilo.
“Lokho ngikusho ngoba nami ngingomunye wabantu abakhule kanzima, ngadlula ezimweni ezinzima kodwa ukuzitshela ukuthi lokho bekuyindlela yokungiqinisa, kwenze ngaqonda into engayizela emhlabeni,” kusho uNksz Masikane.
UNksz Nomfundo Sawoni weBATS Youth Academy, ukhuthaze izethameli ukuba zibe nombono ngempilo yazo, bese zigwema izinto ezingenza ezizifisela khona empilweni kungafezeki.
“Ukuze ukwazi ukwenza lokho, wudinga ukuqaphela izinqumo ozithatha ngempilo yakho ngoba zinomthelela omkhulu kozoba yikho kusasa,” usho kanje.
Uhlelo lomcimbi beluphethwe wuSicelo Shange. Kukhulume noNksz Xolly Shibe wencwadi ethi Ngagezeka Ubebebe, Nksz Lungelo Ndlovu wePhakama Ndlovukazi Projects noNksz Malwande Bhengu weMalwande Art Creations.