KUGQUGQUZELWE abantu baKwaZulu-Natal ukuthi bangakushalazeli ukuvakashela izindawo zokungcebeleka ezinomlando wesintu ojulile nalezo ezigabe nangokudla okungajwayele ukutholakala emadolobheni.
Lokhu kushiwo wuMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi, ngesikhathi iKZN Tourism and Film Authority yethula umkhankaso i-South Coast Summer, eBlue Lagoon, ngaphansi koMasipala waseRay Nkonyeni ngoMgqibelo, ngaphansi kwesiqubulo esithi: Magical Zulu Kingdom.
Lo mcimbi ubuhanjelwe iNkosi yaKwaXolo, iNkosi uM Xolo, iMeya yaseRay Nkonyeni, uNksz Zodwa Mzindle noSihlalo weKZN Tourism and Film Authority KwaZulu-Natal, uMnuz Sbusiso Ndebele nabanye.
UMfundisi Zondi uthe ezokuvakasha kubalulekile ukuthi zibe khona ezindaweni zasemakhaya njengoba ngaphambi kokuthulwa kwalo mkhankaso uNgqongqoshe eqale KwaXolo Caves, kuwadi-8 kuMasipala waseRay Nkonyeni njengoba kuqhubeka ukwakhiwa kwesithabathaba sendawo yokudla ezodla izigidi eziwu-R6.8 million ezophothulwa ngoMashi 6, 2025.
INkosi yaKwaXolo, iNkosi uM Xolo, ithe kubalulekile ukwazi usikompilo lwendawo osuke uzoyivakashela.
"Uma uzovakasha kule ndawo yakithi noma-nje yikuphi indawo, kumele wazi indlela leso sizwe noma leyo ndawo ephila ngayo. Lokho kuzosilekelela njengendawo yaKwaXolo Caves esizoba nendawo yokudla. Umuntu ozobe esekhathele ukubhukuda olwandle, uzofika athole indlela esiphila ngayo lapha emakhaya. Ukudla okuzobe kudliwa kuzohluka kunalokhu okujwayelekile njengoba kuzoba khona ukudla kwesintu, ngakho-ke ngalesi sakhiwo sikhuthaza abantu ukuthi badle ukudla kwasemakhaya," kusho iNkosi uXolo.
Ngaphandle kwalokhu, uMfundisi Zondi uphinde wahlaba ikhwelo alibhekise kubantu bakulesi sifundazwe ukuthi baziphathe ngendlela njengoba amaholidi kaDisemba eseMome.
"Abantu abangaphuzi bese bengena ezimotweni badale izingozi emgwaqweni futhi bangaphuzi bese beyalwa babe yizixhwanguxhwangu. Abaqaphi bezokuphepha bazobe bephume ngobuningi ukuqapha ukuthi akubi khona abantu abaphazamisa abanye abantu abazobe bezijabulela bezingcebelekela ngalesi sikhatho sonyaka,“ kusho uMfundisi uZondi.
Uthe kusemqoka ukuthi kusetshenzwe ngokubambisana.
"Ukubambisana kwethu kuzoveza laba abayizixhwanguxhwangu bavele obala ukuthi abaqhamuki KwaZulu-Natal. Uma senze kanjalo, sizokwenza izivakashi ezisuka emazweni ukuthi zikhuthazeke ukuza lapha KwaZulu-Natal uma siziphathe kahle," usho kanje.
Khonamanjalo: IMeya kuMasipala iRay Nkonyeni, uNksz Zodwa Mzindle, ithe iyafisa ukuthi abantu ukuthi bebatheleke ngobuningi bazovakasha ezindaweni ezakhele lo masipala.
"Abantu abafike bezongcebeleka njengoba amabhishi ethu eqinisekisiwe ukuthi aphephile ukuthi kungabhukudwa kuwo. Izindawo zokuzithokozisa zikhona futhi ziningi, ngakho-ke abantu abasondele bezongcebeleka ogwini oluseNingizimu (South Coast)," kusho uNksz Mzindle.