UTHULE inkulumo ebigxile ekulweni nendlala, ububha kanjalo nezinguquko kuhulumeni uMengameli Cyril Ramaphosa, emhlanganweni wamazwe akwi-G20 eBrazil.
NgeSonto, uRamaphosa uhambele ukwethulwa kohlelo lwezokumbiwa njengoba kuqale lo mhlangano wala mazwe osongwa kusasa.
Ufike eBrazil ngoMgqibelo ebusuku, kanti ingqikithi yomhlangano ithi: “Building a Just World and a Sustainable Planet”.
Isitatimende esivela eHhovisi likaMengameli sithe elakuleli lizonikwa isikhundla sikasihlalo kusuka ngo-Disemba 1, 2024.
Sithe la mazwe akwi-G20 asuke emele u-85% wamazwe omhlaba.
Amazwe akwi-G20 yi: Argentina, Australia, Brazil, Canada, China, France, Germany, India, Indonesia, Italy, Japan, Republic of Korea, Mexico, Russia, Saudi Arabia, South Africa, Türkiye, United Kingdom ne-United States.
Abuye afake nezinhlangano ezimbili okuyi-African Union ne-European Union.
“URamaphosa uzobamba imihlangano nabaholi bamazwe ahlukene. Okuseqhulwini wukuthi kuqhakanjiswe izwekazi i-Afrika kanjalo nezinye ezithinta ukuhwebelana.”
URamaphosa uphelezelwa uNgqongqoshe wezobuDlelwano namaZwe oMhlaba, uMnuz Ronald Lamola, nozakwabo oseHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni.
ULamola obekhuluma emhlanganweni weG20 eRio de Janeiro, enoMengameli waseBrazil uMnuz Luiz Inácio Lula da Silva, uthe inhloso enkulu wukubhekana nezithinta indlala, ukungalingani kanjalo nezithinta ukuguquka kwesimo sezulu esibhekene nomhlaba wonkana.
Lo mhlangano wala mazwe kulindeleke ukuthi ube kuleli ngonyaka ozayo.
“Okubalulekile ukubambisana nokusebenzisana kwamazwe. Sifuna kube namathuba afanayo emhlabeni jikelele,” kusho uLamola.
Uthe uma amazwe efukulana lokho kuyobe kuveza ngokusobala ukuthi kunobumbano.