UKUBULAWA kwabahwebi bakatshwala osekuphenduke insakavukela muva nje ezingxenyeni ezahlukene zeKwaZulu Natal, sekusukumise iSisonke Liqour Tradors yanxusa uNkulunkulu ukuba angenelele.
NgoLwesine bekunendumezulu yomkhuleko obukade uqhubeka eCinema, eMlaza.
Inkonzo beyizinyaziswe ngabefundisi bamahlelo ehlukene abephume ngobuningi.
Muva nje, zibonakale zanda kakhulu izigameko zokubulawa kwabahwebi bakatshwala.
Iningi labo libulawa ngokudutshulwa okuyinto le nhlangano ethi iyihlalisa lubhojozi.
UMfu Thulani Sibiya webandla lamaLuthela, uthe nguNkulunkulu kuphela ongangenelela manje kulesi simo sokuqothwa kwabahwebi bakatshwala.
UMfu Sithembiso Zondo uthe akukho okudlula uNkulunkulu.
Uthe kufanele bazifundise nokufukulana uma kukhona isidingo sokuba benze kanjalo.
“Namhlanje silapha sizonxusa uNkulunlulu esimkhonzayo ukuthi kube nguyena ongenelelayo manje. UNkulunkulu okuhle ngaye ukuthi akukho okumehlulayo,’’ usho kanje.
Usihlalo wale nhlangano, uMnuz Brush Mncandi, uqale ngokuveza ukuthi naye komunye unyaka bake bamdubula.
Uphosele inselelo ozakwabo ukuthi bazifundise izingane zabo ngokuthi liphathwa kanjani ibhizinisi likatshwala.
Lokhu uthe kuyolekelela kakhulu uma kwenzeka noma yini kumnikazi webhizinisi.
Unxuse ukuthi kube khona ukusebenzisana kubona bonke abahwebi bakatshwala. Wabanxusa nokuthi benze isiqiniseko sokuthi bayawuhlonipha umsebenzi wabo.
Umlingisi woZalo, uZama Ngcobo odlala indawo kaMadongwe kulo mdlalo, uthe kuyadabukisa ukuthi kukhona abantu abahlalisa lubhojozi abahwebi bakatshwala.
“Kukhona imindeni ephilayo ngalo msebenzi,’’ usho kanje ngamafuphi. Umculi kamskandi, uBahubhe, uSgwili noJumbo, bakhonze ngomculo.