U-DJ osezakhele udumo ngamanoni omculo ongasoze wabuna, uMuntu "Master Blaster" Khoza, uthi uyaziqhenya ngokujoyina iNkatha Freedom Party. Leli qhathanzipho lithe kufana nokuthi lisekhaya kwi-IFP ngenxa yokuthi iyamnakekela.
Yize engafunanga ukwenaba ngokuthi waxoshwa yini kwi-ANC nakwi-EFF kodwa uthe into eyamheha ngeNkatha ukuthi iyiqembu elazisa inhlonipho nokuzithoba.
"Okunye okungijabulisa ngayo ukuthi iyanginakekela. Iyangitholela imicimbi. Ngingathi nje angilambi ngenxa yokuba seNkatheni."
Ngaphandle kokungena kwipolitiki, uMuntu uthe kumhambela kahle njengoba esedlala ezindaweni zobumnandi ezintathu masonto onke.
"Kunenye indawo esanda kuvulwa eMlaza okuthiwa i-Exit. Seyiqalile ukuba nedumela futhi ziningi izindawo ezizovalwa ngenxa yayo. Ngidlala kuyo njalo uma kuyiSonto nangoMsombuluko kwiMonday Therapy. Amakhehla nezalukazi bayazifela ngomculo wami. Avele atheleke ngobuningi bawo."
Nakuba kunalezi zindawo anandisa kuzo kodwa nasemicimbini akasaphuthi.
NgoJulayi 7, uMuntu uzobe enandisa kwiJuly Weekend Experience: Kings of R&B and Soul ePlatinum Belt, eMhlanga, eThekwini. Kulo mcimbi uzobe esina ededelana noWilson B Nkosi, Msizi Shembe, Paul Mtirara, Sentle Lehoko, Nomfundo Mo, DJ Young, Lesedi noDynamite.
Ngalolu suku uMuntu uzobuye anandise kwi-Easy Sunday Soul Sessions Picnic eDurban Amphitheatre, eThekwini kusukela ngo-11 ekuseni, lapho ezobe ededelana khona noRingo Madlingozi, DJ Milo nabanye.