KUBONISWE abesifazane ngokuthi bakhuthalele ukuhlonipha nokuthobela izithandwa zabo ebudlelwaneni bothando, emcimbini iYoung Women In Relationships: Skin Care Seminar, eBlue Waters Hotel, eThekwini, ngempelasonto.
Umbhali wezincwadi, uMnuz Lungisani Mavundla, obengesinye sezikhulumi, ucebise ngokuthi kukho konke okwenziwa othandweni, kumele abesifazane bangakhohlwa yindawo yabo ebudlelwaneni.
“Enye into eshaya abantu, ikakhulu abesifazane ebudlelwano bezothando wukuthi uma kunengxabano, owesifazane enze noma akhulume ngendlela ezokwenza owesilisa azizwe engeyona indoda ngokuphelele.
“Ngalokho angisho ukuthi abesilisa abanawo amaphutha kwezothando, kodwa thina madoda sidalwe ngendlela eyenza siphelelwe wukuzethemba uma umuntu ekhuluma nathi ngendlela eyenza sizizwe singaphelele, kuba kubi kakhulu-ke uma lokho kwenziwa wumuntu omthandayo,” kuchaza uMavundla.
U-Apostle Stricker Shange, ucebise abantu ukugwema ukungena ebudlelwaneni obusha, bengakazelaphi ebuhlungwini bobudlelwano abaphuma kubona.
“Okunye okusizayo, nengakubona ngami, wukuthi empilweni kuyasiza ukuthandana nomuntu ozosuka naye phansi nikhule ndawonye empilweni,” kucebisa uShange.
Umhleli womcimbi, uNksz Noluthando Chisane, uthe kumjabulise kakhulu ukubona abantu bethakasela lo mcimbi ayegcine ukuwenza ngo-2019, ngoba kukhombisa ukuthi izinto abazikhuluma kuwona ziyabasiza.
“Manje ngihlela ukuqhubeka nawo, ungenise emakhaya nasemalokishini, ngenhloso yokufundisa nokuxwayisa amantombazane asemancane ngobungozi bokujaha ukungena ebudlelwaneni bothando,” kusho uNksz Chisane.
Emcimbini kuphinde kwakhuluma uMnuz Mlekeleli “Impunga Yesintu” Mbanjwa, Mnuz Nhlonipho Mdadane noPaul Nzimande obephethe uhlelo, kwanandisa umculo wokholo uJumbo noScelo Gowane.